Zizobakhalela onogada abafumbathiswa imali ngokweqa kukaBester

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Abashushisi boMbuso ecaleni lokweqa kukaThabo Bester kulindeleke ukuthi bachaze kabanzi ngokuthi onogada bayithola kanjani imali ukuze basize ekubalekeni kukaBester.

Kusolakala ukuthi abasebenzi basejele abagada amakhamera e-CCTV baholelwa u-R40 000 umuntu emunye esikhundleni sika-R2.5 million okuthiwa bebewuthenjisiwe ekuqaleni.

Iphepha elihlanganisiwe lamacala liphinde lakhombisa ukuthi amacala okubulala ahoxisiwe kubo bonke abasolwa.

Lokhu kusho ukuthi amathuba okuthi uDkt Nandipha Magudumana athole ibheyili angaba maningi kakhulu uma efaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngomhlaka-11 kuya kumhlaka-12 kuNhlaba.

I-National Prosecuting Authority phambilini ibimthwesa amacala okubulala, kodwa yawahoxisa kanye nasolwa nabo.

Iphepha lamacala manje seliveza amacala angu-16, okuhlanganisa elokwephula umthetho, ukushisa, ukuthula kanye nokufihla isephulamthetho eseqile, ukwephula umthetho wesigungu, ukukhwabanisa kanye nelenkohlakalo.

Abanye abasolwa ngumsebenzi we-Integritron Integrated Solutions uTeboho Lipholo, unogada we-G4S uMotenyani Masukela, uMagudumana noBester.

Uyise, uZolile Sekeleni, naye ubebhekene necala lokubulala, kodwa lahoxiswa wabe esethola ibheyili.

UDkt Nandipha usethole ummeli omusha kanti kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili ngesonto elizayo.

Lo dokotela odumile, ophinde abe unkosikazi womdlwenguli nombulali ka-Facebook uThabo Bester, usolwa ngokusiza umyeni wakhe eqe ejele lase-Mangaung ngoNhlaba nyakenye.

Wabaleka noBester kuleli wangena e-Tanzania ngokungemthetho ngaphambi kokuba aboshwe abuyiselwe ezweni ngenyanga edlule.

Ukuqhubeka kokuthethwa kwalelicala kuhlehlisiwe kanti  abasolwa ababili bengezwa kuleli cala ukuze bathole ukumelwa.

UTieho Makhotsa noNatassja Jansen bangonogada be-G4S ababoshwe ekuqaleni kwesonto.

Bajoyina uBester, uMagudumana, umsebenzi we-G4S uMotenyani Masukela noTebogo Lipholo, oyisisebenzi se-Integritron Integrated Solutions.

USekeleni noBester bazovela enkantolo ngomhlaka-16 kuNhlaba. 

UBester weqa ngesikhathi sesigameko somlilo ejele waqamba amanga ngokufa kwakhe nangokushushumbiswa kwamathambo kaKatlekgo Bereng esitokisini sikaBester.

Esithombeni esingenhla: UDkt Nandipha Magudumana nabanye abasebenzi basejele lase-Mangaung abasolwa nokufumbathiswa imali

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva