Ziyimbudane ezokonga uphethiloli ezivezwa kwezokuxhumana

Kamogelo Olaitan

Njengoba intengo kaphethiloli inyuka, ezinkundleni zokuxhumana sekugcwele imibono yokonga uphethiloli kanti ongoti baxwayisa ngokuthi lokho kungalimaza imoto yakho.

Ngesonto eledlule uMnyango wezokuMbiwa Phansi naMandla umemezele intengo  kaphethiloli ezonyuka ngemali engaphezu kuka-R2, okwenza irekhodi lokwenyuka kukaphethiloli libe phezulu njengoba ilitha  selizobiza u-R26.74.

Muva nje isikhangiso somkhiqizo obizwa nge-EcoPlus sivele kwi-Reddit naku-Twitter. Kwividiyo esabalayo othile ubonakale ethela i-Coca-Cola (coke) ethangini likaphethiloli.

“Iqhinga elilula lokwehlisa izinga lokusebenza kukaphethiloli wemoto ngo-55%,” kufundeka lesi isikhangiso.

Kodwa-ke, i-EcoPlus ikhiphe isitatimende esithi le vidiyo bekungeyona eyabo.

Omunye wabasebenzisi be-YouTube ozibiza ngoRoddick uzame ukwenza lokhu ngokufaka lesi siphuzo ethangini likaphethiloli le moto yakhe i-BMW 325i yango-2003.

Ngemuva nje komzuzu eshayela imoto yakhe, uqale ukuzwa umsindo ongajwayelekile ovela kwinjinini yemoto. Ngokuhamba kwesikhathi lo mlisa uveze ukuthi ngemuva kokuzama lo mbono  we-Coke, kudingeke ukuthi akhiphe u-R17,000 ukuze alungise imoto yakhe.

Lona akuwona kuphela umbono omubi ovele ezinkundleni zokuxhumana.

Sekuphele amasonto abashayeli behlaselwa amaqola athi adayisa amaphilisi azokonga u-30% wokonga uphethiloli.

Kodwa i-Automobile Association of South Africa (AA) ixwayise ngokuthi, abashayeli bazogcina sebekhokha kakhulu ngokulungisa izimoto zabo njengoba bedlala izigebengu bezama ukonga uphethiloli.

Okhulumela i-AA uLayton Beard uthe amaphilisi awakaze agunyazwe yi-AA noma ahlolwe ngamakhemikhali.

“Kuyingozi enkulu ngokubona kwethu ukusebenzisa la maphilisi nemishini engakahlolwa noma yagunyazwa ngoba umonakalo ongenzeka isikhathi eside kwinjinini awukaziwa,” etshela i-SABC News.

Abadayisa amaphilisi afika ngamasaka amnyama naluhlaza abiza u-R100 bathi onga uphethiloli aphinde athuthukise ukusebenza kwemoto emgwaqeni.

Ukuthola izindlela zokunciphisa izindleko zikaphethiloli ngaphandle kokuqhumisa injini yakho, chofoza lapha.

Izihloko zakamuva