Ziyawushaya kwiPhini likaMengameli 

Lubhalwe ngumbhali weScrolla

Sengathi ukuba iPhini likaMengameli bekunganele esontweni elilodwa, uPaul Mashatile uzoshada kule mpelasonto nesinqandamathe sakhe uHumile Mjongile, lona umbiko we-Scrolla.Africa kuphela.

Imithombo esondelene noMashatile ithe kukholakala ukuthi uhlela ukwenza umshado omhlophe ngasekupheleni kwalo nyaka, kodwa uzimisele ngomshado wesintu ngoMgqibelo nangeSonto.

Omunye umthombo uthe umshado wesintu uzoba izikhawu ezimbili ezindaweni ezimbili ezahlukene.

“Owokuqala uzoba e-Leondale, Ekurhuleni ngoMgqibelo,” kusho omunye umthombo. Lapho ikhaya likaMjongile.

“NgeSonto umshado uzofika enyakatho yeGoli, e-Kelvin lapho uMashatile adabuka khona .

“Amahlebezi athi kuzolandela umshado omhlophe ngasekupheleni kwalo nyaka,” kusho umthombo utshela i-Scrolla.Africa.

UMjongile ungumfelokazi kalowo owayenguNobhala we-ANC esifundazweni sase-Western Cape uSongezo Mjongile owashona ngenxa yomdlavuza wamathumbu ngoMbasa ngo-2020 esemzini wakhe e-Morningside, eGoli.

UMashatile washonelwa unkosikazi wakhe uManzi Ellen ngoNtulikazi ngo-2020 ngemuva kokugula isikhathi eside. Ukushona kukankosikazi kaMashatile kwenzeka ngemuva kwenyanga eshonelwe unina uMirriam.

Lo mshado ubungeke ufike ngesikhathi esingcono kuMashatile oqokwe njengePhini likaMengameli we-ANC ngoZibandlela nyakenye.

NgoMsombuluko uMengameli uCyril Ramaphosa umqoke njengozolandela esikhundleni sakhe, kanti ufungiswe ngoLwesibili.

Esithombeni esingenhla: UHumile Mjongile

Umthombo wesithombe: Songezomjongile1/twitter

Izihloko zakamuva