Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Ulaka selufinyelele ezingeni eliphezulu e-Hammanskraal, enyakatho ye-Tshwane njengoba izakhamizi zisola uhulumeni wasekhaya ngokushona kabuhlungu kwabantu abangu-15 ngenxa yokuqubuka kwesifo sohudo kuleli lokishi.
Izakhamizi ebezikhungathekile zithutheleke esibhedlela i-Jubilee lapho osopolitiki abebelokhu befika khona ngobuningi babo selokhu kuqubuke lolu bhubhane.
Yize abanye osopolitiki bekwazile ukungena esibhedlela ukuyohlola isimo, iMeya kamasipala wase-Tshwane uCilliers Brink akakwazanga ukungena ngenxa yolaka lwezakhamizi.
UBrink nethimba lakhe bavinjelwe ukungena emagcekeni esibhedlela ngesikhathi izakhamizi zizwakalisa ukungenami kwazo ngokuhudula izinyawo kwemeya ukubhekana nale nkinga.
“Ingabe umasipala wase-Tshwane oholwa i-DA ulinde ukuthi kushone abantu abaningi ngaphambi kokuthi uthathe izinyathelo? Ngabe ukuvakasha kwakhe kuzobuyisa abashonile?” kubuza uMatthew Lesabane ongomunye wezakhamizi eziphatheke kabi.
ULesabane uthe ufuna ukuthi imeya ibuyele emsebenzini wayo futhi igxile ekubhekaneni nemiphumela ebuhlungu yezinsolo zokungabi namakhono waphinde waphakamisa ukuthi uBrink kufanele abale isinxephezelo salabo abahlukumezekile kunokuthi abonakale emphakathini eqhutshwa abezindaba.
Khonamanjalo, umasipala wase-Tshwane ukhiphe isexwayiso kwizakhamizi wanxusa ukuthi ziyeke ukusebenzisa amanzi ompompi.
Okhulumela umasipala uSelby Bokaba umemezele ukuthi ithimba le-Environmental Health Practitioners lizohlola amasampula amanzi athathwe kuwo wonke amapayipi amanzi nokuthi lizophinde lihlole ukuhlanzeka kwamaloli amanzi ahlinzeka ngamanzi emiphakathini ethintekile endaweni ephakelayo e-Hammanskraal.
“Lolu hlelo luzoqhutshwa isonto lonke,” kugcizelela uBokaba.
Lezi zinyathelo ziqaliswe ngemuva kwesimemezelo sangeSonto sikaNgqongqoshe wezeMpilo eGoli sokuqubuka kwesifo sohudo.
Ekuqaleni ukusampula amanzi bekuhloselwe kuphela ukubheka amapayipi ase-Rooiwal kodwa kuthathwe isinqumo sokunweba ukuhlola ukuze kuhlolwe wonke amapayipi amanzi kanye namathangi amanzi ahlinzeka izindawo ezisemthethweni kanye nezemijondolo e-Hammanskraal.
Ngaphezu kwalokho indawo yokuhlanza amanzi angcolile i-Temba izohlolwa ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kokuphakelwa kwamanzi.
Ngalesi sikhathi esibucayi iPhini likaNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uDavid Mahlobo, iPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo kanye noNgqongqoshe wezeMpilo eGoli uNomantu Nkomo Ralehoko bavakashele isibhedlela i-Jubilee.
UMahlobo umemezele ukusungulwa kwesikhungo esizobhekana nesifo sohudo waphinde wagcizelela umgomo wethimba wokunqanda ukubhebhetheka kwalesi sifo e-Tshwane nokuthi kunqandwe ukubhebhetheka kwalesi sifo kwezinye izingxenye zakuleli.
Esithombeni esingenhla: IPhini likaNgqongqoshe wezamanzi nokuthuthwa kwendle likhuluma nezakhamizi zase-Hammanskraal
Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla