Ziyaqonga izinkinga zikagesi KwaThema

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abahlali baKwaThema abanawo ugesi othembekile selokhu kwasha isikhungo esikhulu ngoNhlaba nyakenye.

Bazizwa benenhlanhla uma kuphela isonto lonke ngaphandle kokunqanyulwa kukagesi okuvamise ukuthatha izinsuku ezine.

Ngemuva kokusha kwe-transformer enkulu, indawo yaKwaThema ihlale ngobumnyama inyanga yonke ngaphambi kokuba izingxenye ezithile zomphakathi zixhunywe esiteshini esingaphansi i-Vulcania South e-Brakpan njengesinyathelo sesikhashana.

NgoLwesibili, abahlali bachithe amahora angu-24 ebumnyameni kanti umasipala wendawo usola ukunqanyulwa kukagesi ngenxa yephutha lekhebula.

Ekuqaleni, lo masipala odonsa kanzima ngokwezimali wathembisa abahlali ukuthi i-transformer eyathathwa ukuze ilungiswe izofakwa ngoNtulikazi, ngoMandulo kanye nangoNhlolanja.

Uma uvakashela isiteshi, akukho zimpawu zomsebenzi ezenziwayo esizeni.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, umhlali uThuli Makhalisa uthe lo masipala wenzela phansi umphakathi.

“Ngemuva kokusha kwe-transformer, satshelwa ukuthi kuzofakwa i-transformer ekade iyolungiswa – kodwa ngemuva kwezinyanga eziyisishiyagalolunye sisabhekene nezingqinamba zikagesi.

“Isonto alipheli ngaphandle kokuthi kunqanyulwe ugesi amahora kwenye yezingxenye zomphakathi. Sike sabhikisha ezinyangeni ezedlule kodwa inkinga efanayo isaqhubeka,” esho.

Usomabhizinisi wendawo, uThemba Zwane, uthe ibhizinisi lakhe alisenzi kahle selokhu kwasha i-transformer. Unesitolo esidayisa ukudla elokishini.

“Siwujwayele ugqamcishi nokuhlela izinhlelo zokubhekana nawo kodwa KwaThema kumele sibe nezinhlelo zesikhathi eside ngoba uhamba amahora amaningi.

“Uma kunqanyulwa ugesi ngiyaye ngithandazele ukuthi ubuye ngesikhathi noma kungenjalo ngilahlekelwa yikho konke ukudla kwesonto lonke,” usho kanje.

UZwane uthe umonakalo mubi kakhulu ebhizinisini lakhe kangangoba useze wadiliza abanye abasebenzi bakhe.

Okhulumela umasipala uZweli Dlamini uthe i-transformer isilungisiwe futhi kusalindwe ukuhlolwa kwayo ukuthi ngabe ikulungele ukusebenza.

“Uma sekuphothulwe konke ukuhlolwa umsebenzi wokwakha kabusha isiteshi uzoqala,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: Isiteshi esikhulu sikagesi saKwaThema. 

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva