Ziyaqonga izinkinga kwisinqandamathe sikaBester 

UDkt Nandipha Magudumana othandana noThabo Bester oweqa ejele nyakenye umiswe i-Health Professions Council of South Africa (HPCSA) emasontweni amabili edlule ngenxa yokwehluleka ukukhokha imali yakhe yonyaka obekufanele ayikhokhe ngoMbasa nyakenye.

Manje i-HPCSA isiqale uphenyo phakathi kwezinye izindaba mayelana nezinsolo zokukhwabanisa esebenzisa ilayisensi yokwelapha emisiwe kanye nokuziphatha ngendlela engafanele.

UMagudumana uboshwe noBester e-Tanzania ngempelasonto.

Kusolakala ukuthi laba bebephethe izinkampani eziningi ezakhwe ngenhloso yokuqola amakhasimende.

UMagudumana ubhekene namacala okukhwabanisa. Kulindeleke ukuthi yena noBester babuye kuleli ezinsukwini ezizayo.

Kukholakala ukuthi udokotela wasiza uBester ekutheni eqe ejele ngoNhlaba nyakenye ngokwakha itulo lokufaka isidumbu esitokisini sikaBester ukuze iziphathimandla zikholelwe ekutheni uBester ushonile.

Izinkinga zilokhu zikhula kudokotela. Ubaba kaMagudumana uCornelius Sekeleni uvele enkantolo ngoLwesibili ekuseni ebhekene necala lokubulala, ukushisa kanye nokwephula umthetho.

Esitatimendeni, i-HPCSA ithe ngoLwesibili iyinakile imibiko eminingi yabezindaba emayelana nezinsolo ezahlukene ezibekwe uDkt Nandipha Magudumana.

Ukuze kwenziwe uphenyo olunzulu i-HPCSA “izosebenzisana nezinhlaka ezahlukene kuhulumeni okuhlanganisa uphiko lwamaphoyisa akuleli, uMnyango wezeMpilo emazingeni esifundazwe nakuzwelonke, uMnyango wezaseKhaya kanye noMnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo,” kufundeka isitatimende.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni ngenhla: UDkt Nandipha Magudumana

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva