Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata
Isisulu sesibili siphumele obala sasola owesilisa (41) wase-Mthatha osesitokisini samaphoyisa obhekene necala lokudlwengula indodakazi yakhe.
Isisulu sesibili siveze lezi zindaba ngesikhathi umsolwa evele okwesibili eNkantolo yeMantshi yase-Mthatha ngoLwesithathu. Ngaphambilini ubesihoxisile isicelo sakhe sebheyili.
Isisulu sesibili (15) siwumshana kamsolwa. Kuthiwa ukunukubezwa ngokocansi kwaqala eneminyaka engaba ngu-12 ngesikhathi ebathinta izitho zangasese ehlikihla induku yakhe phakathi kwemilenze yabo.
Okhulumela umndeni ophinde abe isishoshovu samalungelo abantu uCoceka Gantile utshele i-Scrolla.Africa ukuthi: “ingane ifunda esikoleni samabanga aphakeme. Umndeni usashaqekile futhi umama ubhekene nobunzima ngalezi zinsolo.”
UGantile uthe abantu abaningi bayabazi ukuthi bangobani futhi babuza imibuzo. Lokhu akubahlali kahle.
“Umndeni uyabeseka kakhulu laba abahlukunyeziwe kodwa akulona uhambo olulula kubona futhi ngokwengqondo badinga usizo olusheshayo nokuyinto engisazama ukubatholela yona,” kusho uGantile.
“Badinga ochwepheshe abazokhuluma nabo babasize ukuthi baqonde okwenzekile nokuthi bathole izeluleko zokubhekana nosizi lwabo. Bakhungathekile.”
Kuvulwe icala lokudlwengula ngoNdasa esiteshini samaphoyisa saseMthatha.
Ekuqaleni kukaNhlaba i-Scrolla Africa sibike ukuthi umsolwa ongeke aze adalulwe ukuze kuvikelwe abagilwa usolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka engu-17 manje.
Sixoxe nomama wesisulu othe ingane yakhe ibinethemba lokuthi izobhalisa enyuvesi ngemuva kokuphasa umatikuletsheni nyakenye. Udalule udaba lokudlwengulwa ngesikhathi amaphupho akhe engafezeki. Lokhu kudlwengulwa kwenzeka kusukela eneminyaka eyisishiyagalombili.
Nakuba ebesabisa indodakazi yakhe ngokuyibulala uma ingake itshele umuntu, izolo umama utshele i-Scrolla.Africa ukuthi sebekhululekile njengoba umsolwa eboshiwe.
I-National Prosecuting Authority ayitholakalanga ukuthi iphawule. Icala lizoqulwa eNkantolo yesiFunda yase-Mthatha ngomhlaka-11 kuNtulikazi.
Esithombeni esingenhla: Isithombe sesitoko