Lubhalwe nguLinda Ximba
Selokhu axoshwa njengoDJ emsakazweni Ukhozi FM nyakenye, uSbusiso Buthelezi ubelokhu ebhekane nezinkinga kanti uze waphoqeleka ukuthi adayise umuzi wakhe.
UButhelezi waxoshwa ngoNhlangulana i-SABC ngenxa yokungaziphathi kahle.
Uye waxoshwa ngemuva kokuthi abantu abaningi befake izikhalo ngaye bethi inkampani kaButhelezi ezimele i-Abombuso Investment Scheme ibakweleta izigidi zamarandi.
Uhlelo lokufuywa kwezinkukhu lwavumela abatshalizimali ukuthi badayise izinkukhu namaqanda bathenjiswa ukubuyelwa u-100% wenzuzo ngemuva kwezinyanga ezintathu, kodwa konke akuhambanga ngendlela. Wayezingelwa ngabatshalizimali esiteshini sakwa-SABC eThekwini.
I-Scrolla.Africa sitshelwe ukuthi ngenxa yengcindezi uButhelezi uphoqeleke ukuthi adayise umuzi wakhe odumile oseMhlanga enyakatho yeTheku ukuze athole imali yokukhokhela abakweletayo.
“USbu usenkingeni enkulu futhi abalandeli bakhe basemsakazweni sebeziqhelelanisile naye. Uphoqeleke ukuthi adayise umuzi wakhe ukuze athole imali yokukhokhela labo abakweletayo,” kusho umthombo.
“Laba bantu kade bemfuna futhi bafuna ukubuyiselwa izimali zabo. Abanye abantu abathi ubakweleta imali engaphezu kuka-R100 000 baze bamsabisa ngokumbulala. Bebemethemba ngoba wayeziveza njengendoda eqotho ohlelweni lwakhe lwenkolo oluthandwayo.”
UButhelezi wethula uhlelo lwevangeli elithi Indumiso ngeSonto emsakazweni Ukhozi FM. Lolu hlelo luzuzele umsakazo wesiZulu izigidi zabalaleli.
Kodwa ngemuva kwebhizinisi lakhe, i-SABC iye yamsola ngokufaka lo msakazo ehlazweni yamxosha.
Ebuzwa uButhelezi uthe, “Anikhathali ukubhala ngami. Angiseyena usaziwayo kodwa nilokhu ningilandela. Ubani onendaba uma ngidayise indawo yami?” wase evala ucingo.
Esithombeni esingenhla: Owayengumsakazi woKhozi FM uSbu Buthelezi
Umthombo wesithombe: Ukhozi FM