Ziyaqonda izinkinga kwisikhulu se-Safa

Dylan Bettencourt

Zisaqhubeka nokukhula izinsolo zenkohlakalo kuMengameli we-South African Football Association (i-Safa) uDanny Jordaan.

Idlanzana labasebenzi bamanje kanye nabangaphambilini basole uJordaan ngamaphutha ahlukene, ukudukisa inhlangano, ukusebenzisa budedengu izimali kanye nokusebenza ngendlela engalungile.

OKlebe bagcobe usawoti esilondeni sikaJordaan, njengoba beqinisekise ukuthi i-National Prosecuting Authority (i-NPA) “icela imininingwane kubantu abanentshisekelo” kwi-Safa.

Okhulumela oKlebe, uColonel Katlego Mogale, udalule ukuthi lusaqhubeka uphenyo nge-Safa kuze kutholakale amazinga ahlukene okuthinteka ekuhlomuleni kwi-akhawunti ye-Safa. 

“Lolu phenyo luholwa ngabashushisi,” kusho uMogale etshela i-Daily Maverick.

“Uma kukhona abazoboshwa, i-Directorate for Priority Crime Investigation izokuveza lokho.”

UMalesele Mooka, omisiwe kwi-Safa, uthe uvulele uJordaan icala lokukhokhela ngokungemthetho imali engu-R40 000 inkampani yonogada ezobheka yena.

“Ngiphinde ngavulela icala i-Fun Valley Project, ethengelwe i-Safa, lapho uMengameli enyuse inani layo lisuka ku-R30-million laya ku-R65-million, ngenhloso yokuzihlomulisa,” kusho uMooka.

Elinye lamaphini kaMengameli we-Safa, u-Elvis Shishana, wengeze osizini lukaJordaan ngesikhathi ebhalela ophethe iNkantolo ePhakeme efuna ukuthi kuphenywe uMengameli we-Safa ngokudukisa inhlangano.

Encwadini uShishana ayibhalele iNkantolo uthe ukhathazeke kakhulu ngokuthi kuxhashazwe isibonelelo sikahulumeni esinikezwe i-Fifa senhlangano semali engu-R40 million yokuthuthukisa ibhola lakuleli.

Isimangalo sendlela abasebenzi abaphethwe ngayo singafakwa ngokumelene nenhlangano kulandela imizwa yokuphoxeka kwabasebenzi abambalwa.

“Inkampani ibiphethwe umuntu oyedwa, futhi lowo muntu nguDanny Jordaan,” kusho abasebenzi.

Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE

Scrolla World Cup Quiz