Ziyaqhubeka izinkinga zemali kwiSwallows

Linda Ximba

Owayengumdlali wasemuva weBafana Bafana ne-Sundowns, uTebogo Langerman, usephenduke umdlali wakamuva osehlwini lwabadlali abacikwa yinkinga yemali kwi-Moroka Swallows.

Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-35 ubudala kuthiwa akazange azilolonge ngesonto eledlule, ngoba ethi akanayo imali kaphethiloli ngoba akakhokhelwanga.

Lesi sigameko sakamuva siqinisekisa izindaba ezisabalele mayelana nesimo sezimali esingesihle kwi-Swallows FC.

I-Scrolla.Africa ibike ukuthi abadlali bakhala ngokuthola ingxenye yeholo labo, kanti abanye kuthiwa abakaze bathole ngisho isenti kusukela ngoLwezi nyakenye.

Samsung Galaxy 14G

Ukungabibikho kwenjabulo ekhempini ye-Swallows kuvele obala ngesikhathi umakadebona odlala emuva uVuyo Mere ephuma ngemuva kokuthi ephonsele abaphathi inselelo ngezinkinga eziningi, okuhlanganisa nokukhokha sekudlule isikhathi.

Omunye umdlali uThabo ‘Festival’ Matlaba ojoyine i-Royal AM udalule ukuthi kunezizathu eziningi ezimphoqe ukuthi ashiye leli qembu lase-Soweto.

“Yebo angisayidlaleli i-Swallows ngoba bekunezinselelo ebengibhekene nazo ngabona kungcono ukuthi ngihambe.

“Bengicabanga ngempilo  nangekusasa lami. Angifuni ukuba nengcindezi uma ngisendleleni ngiyozilolonga,” kusho uMatlaba etshela i-Kickoff.

Ngesikhathi ethintwa okhulumela i-Swallows FC uSipho Xulu uthe “Angazi lutho ngomdlali ophuthelwe ukuzilolonga. Bonke abadlali kade bezilolonga”.

I-Swallows isanda kunenebula i-TS Sporting ngo 2-1 kowe-Nedbank Cup.

Kodwa bazobuyela emdlalweni we-PSL ngoLwesithathu ukuzobhekana neqembu elimangalisayo lase-Stellenbosch. Njengamanje iDube Birds izithola isendaweni yesi-15 futhi ilwela ukunyukela phezulu etafuleni leligi kule sizini.

Umthombo wesithombe: @FourFourTwo

Scrolla World Cup Quiz