Ziyanda izigameko zokuhlukunyezwa kwezingane e-EC

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ziyanda izigameko zodlame olubhekiswe ezinganeni esigodini saseMgababa e-Ngqushwa e-Eastern Cape.

Ngemuva kwesonto umphakathi usashaqekile ngokuthola umfana oneminyaka eyisishiyagalombili eboshwe ngamaketanga endlini yakubo wadlwengulwa nguyise, kanti kuphinde kwatholwa intombazanyana ebidlwenguliwe yashiwa kucatshangwa ukuthi ishonile.

NgeSonto, isithangami samaphoyisa somphakathi sibizelwe kubo kwengane yentombazane eneminyaka emihlanu okusolwa ukuthi ikhishwe kubo yadlwengulwa ngabesilisa ababili.

NgeSonto, umndeni wale ntombazanyana ubunomcimbi wesintu owaziwa ngokuthi “ibhekile yekhaya” obuhanjelwe amalungu ambalwa omphakathi.

Njengoba abantu abadala bebematasatasa nezingane zidlala ngaphandle, owesilisa obehambele lo mcimbi kuthiwa uluthe le ntombazanyana wahamba nayo kungekho obonayo kubo.

Ngokusho komholi womphakathi uNobulali Fulani, umsolwa kusolakala ukuthi ubize umngani wakhe ohlala esigodini esingumakhelwane e-Prudhoe ukuba ahlanganyele kulesi senzo esinyantisayo.

“Umsolwa usitshele ukuthi uhambe nengane emfuleni ohlukanisa lezi zigodi ezimbili. Babe sebeshintshana ngokuyidlwengula.

“Uphinde wasitshela ukuthi bayigwilizisile emfuleni ngaphambi kokuba bamshiye ehlathini eliseduze becabanga ukuthi ishonile,” uFulani etshela i-Scrolla.Africa.

Nokho ingane eneminyaka emihlanu ubudala iphapheme futhi ngandlela thize yakwazi ukuzitholela indlela eya ekhaya.

“Ngesikhathi umndeni usakhathazekile, ingenile le ntombazanyana isesimweni esibi. Umndeni ube usubiza thina i-CPF. Ikwazile ukusitshela ukuthi uthathwe ngubani,” kusho uFulani.

Isithangami somphakathi asichithanga sikhathi ukuthola abenzi bobubi.

“Abasolwa bahlala e-Prudhoe. Sikwazile ukuthintana nesigungu somphakathi kulowo muzi. Bakwazile ukubabamba ngaphambi nje kokuba sifike.”

UFulani wengeze ngokuthi abasolwa bazivumele ngokudlwengula ingane encane base beyilahla esikhotheni ngasemfuleni.

Baboshiwe kanti kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yase-Ngqushwa ngoLwesibili.

NgoMsombuluko, umphakathi wase-Prudhoe nowaseMgababa uhlangane ukuze uqhamuke namasu okuthi ungabhekana kanjani nokukhula kwamacala okuhlukunyezwa kwezingane.

“Into yokuqala esiyibeke eqhulwini ukuhlangana ukuze sithole umnyombo wenkinga futhi sikhiphe abantu abanjalo emiphakathini yethu. Okwesibili ukuthi sithole indlela yokululeka izingane zethu ukuthi zingahlekisi ngezisulu ezikoleni nakuba kungeke kube lula,” kusho uFulani.

Ngesikhathi sokushicilela okhulumela amaphoyisa uBrigadier Thembinkosi Kinana ubengakayiphenduli imibuzo ebuziwe.

Isithombe esingenhla: Isithombe esiwumfanekiso

Umthombo wesithombe: SAPS/Twitter

Izihloko zakamuva