Buziwe Nocuze
Ziyanda izigameko zabantu ababulawayo e-Khayelitsha eKapa.
Lokhu sekwenza isibalo sababulewe sibe ngaphezu kuka-60 kulo nyaka.
Izisulu zakamuva yizelamani – abesilisa ababili nowesifazane oyedwa – abaneminyaka (51), (53) kanye no-58 abadutshulwe babulawa ekhaya labo Ekuphumleni ngeSonto ebusuku.
Abaseshi sebeqale uphenyo mayelana nalezi zigameko zokubulala.
UBrigadier Novela Potelwa uthe amaphoyisa ase-Lingelethu abizelwe emgwaqeni uLindelwa, nokuyilapho ethole khona izidumbu zabesilisa ababili nesowesifazane benamanxeba okudutshulwa. Kuthiwa amadoda amabili abehlomile abegqoke izimpahla ezimnyama agasele kulo muzi ngabo-8 ebusuku adubula kaningi.
Njengamanje abaseshi balandela umkhondo njenge ngxenye yophenyo mayelana nesigameko sokudubula kanti bekungakaboshwa muntu.
Ilungu lomndeni lithe belisemzini walo ngesikhathi lishayelwa ucingo ilungu lomndeni limtshela ukuthi akaze kubo.
“Akuzange kufike emqondweni wami ukuthi ngizofica umama nomalume bami ababili bebulewe,” lisho kanje.
Uthe abantu bamtshele ukuthi ababulali baqale badubula izinja ngaphambi kokuthi bangene endlini.
Umndeni ukhathazekile ngokuthi kungenzeka ababulali babuye.
Abayazi imbangela yalokhu kubulala futhi banethemba lokuthi abenzi bobubi bazoboshwa maduze.
Kwesinye isigameko sokudubula ngoMsombuluko ekuseni, kuvulwe icala lokuzama ukubulala ngemuva kokuthi kudutshulwe kulimale abahlanu ku-Duinefontein Road, e-Manenberg.
Abesifazane ababili nabesilisa abathathu abaphakathi kweminyaka engu-41 nengu-52 baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze bathole ukwelashwa.
Umsolwa oyedwa ubaleke ngezinyawo endaweni yesigameko kanti usazoboshwa.
Umphakathi wase-Khayelitsha ukholelwa ukuthi kunenkinga yobugebengu edale lesi sigameko okumele kuphenywe ngayo.