Everson Luhanga
I-Alexandra indawo enzima kwabe-City Power ukusebenza kuyo.
Kube nochungechunge lwezigameko zokuhlaselwa kanzima kochwepheshe nezikhulu zezokuphepha kulo nyaka nje kuphela.
Okhulumela i-City Power u-Isaac Mangena ukuqinisekisile kwi-Scrolla.Africa ukuthi sebevele banqume ukungaziphenduli izingcingo ezivela ezindaweni ezithile elokishini ebusuku ngenxa yezinsongo nokuphepha kwabasebenzi babo.
“Ngeke singabaze ukukhipha amaqembu ethu ngokuphelele uma ukwanda kwezinsongo e-Alexandra kuqhubeka,” kusho uMangena.
UMangena uthe basanda kubona ukwanda kwezinga lokuhlasela okuhlanganisa ukugetshengwa bekhonjwe ngezibhamu kanye nokuhlaselwa kwezikhulu zabo.
“Ezinye zalezi zigameko zokuhlasela kusolakala ukuthi zihlobene nobugebengu obukhona kuleli lokishi,” kusho uMangena.
UMangena uchaze ezinye zezigameko zokuhlaselwa kwezikhulu njengezokuzama ukudambisa umthwalo wokunqamuka kukagesi elokishini eligcwele abantu lapho ugesi udingeka kakhulu.
Mhla zizinye kuNtulikazi osonkontileka bagetshengwa bekhonjwe ngezibhamu ngezithuba zasekuseni ngehora leshumi nanye. Osonkontileka abebesebenza ku-9th Avenue phakathi komgwaqo uJoe Nhlahla noHoffmeyer baphucwa omakhalekhukhwini babo bakhonjwa ngezibhamu.
Kwalamula umphakathi kwayima bebuyiselwa izinto zabo, kodwa abasolwa babaleka.
Ngalo lolo suku kube nezigameko ezimbili zokuzama ukugebenga ngesikhathi osonkontileka bekhonjwa ngesibhamu besebenza. Ngenhlanhla izinto zabo azizange zithathwe.
UMangena uthe ngomhlaka-16 kuNtulikazi ngehora lesithathu ntambama osonkontileka babesebenza esizeni ngesikhathi kufika amalungu omphakathi athatha isitebhisi sabo ngenkani. Lokhu kwakusho ukuthi umsebenzi kwakufanele ume.
Ngomhlaka-14 kuNdasa ithimba laphucwa omakhalekhukhwini likhonjwe ngesibhamu ngase-4th Avenue.
Ngomhlaka-11 kuNhlaba izikhulu zakwa-City Power zaphucwa imoto, omakhalekhukhwini ngase-Far East Bank.
“Iveni yatholwa ngamaphoyisa ngalo lolo suku, kodwa omakhalekhukhwini namakhebuli akuzange kutholakale.”
UMangena uthe lezi zigameko zenza kube nzima ukuthi i-City Power ikwazi ukusiza umphakathi kanti okunye ukucishwa kukagesi kudonsa isikhathi eside kungenasidingo.
“Sicela umphakathi ukuthi uyeke ukusongela abasebenzi bethu futhi ubaseke ubavikele,” kusho uMangena.
Omunye wabaholi base-Alexandra uVincent Ndima uthe ukuhlaselwa kwezikhulu zakwa-City Power akwamukelekile futhi basebenzisana namaphoyisa ukuthola izisombululo kulokhu kuhlasela.
Umthombo wesithombe: @BusinessLIVE