Dalphine Tagwireyi
Okunye ukubulawa kwabantu ababili okuhlobene nodlame lwamatekisi sekuqoshiwe eMpumalanga.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uBrigadier Leonard Hlathi, uqaphele ukuthi kunezigameko ezine ezahlukene zokubulawa kwabantu eseziqoshwe kusukela ekuqaleni kwale nyanga kanye nezigameko zokubulawa kwabantu ezimbili ezenzeke ngoMsombuluko.
Umshayeli wetekisi uJeremia Chabangu ubehleli emotweni encane yohlobo lwe-Mercedes-Benz Kwamhlanga Crossroads ngoMsombuluko kusihlwa ngesikhathi iqulu labasolwa abahlomile abahamba ngemoto emhlophe i-VW Golf 7 livulela ngenhlamvu kuye. Uthole amanxeba okudutshulwa amahlandla amaningi kanti kutholakale ukuthi ushonile endaweni yesigameko.
Abasolwa babaleke endaweni yesigameko, balibhekisa ePitoli.
Kamuva ngabo lobo busuku e-Boekenhouthoek eduze nase-Kwaggafontein umnikazi wetekisi uPiet Mahlangu ubebukela umabonakude ekhaya nonkosikazi wakhe ngesikhathi kungena amadoda amabili abehlomile egqoke izifihlabuso endlini.
UBrigadier Hlathi uthe abasolwa ababili abafike nge-Toyota Quantum emhlophe bangene ngekhishi.
“Kudutshulwe kaningana kwalimala kanzima lo mlisa. Unkosikazi wakhe uthole ukulimala emlenzeni,” esho.
Isihlobo sikaMahlangu sitshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi izimpi zemboni yamatekisi nalokhu kubulawa kwabantu, kanye nokubulawa kusukela ngoNhlolanja. Futhi kuhlangene nombango wemizila.
“Kubuhlungu kakhulu. Umalume wayeqhuba kahle futhi wayesethole namatekisi amaningi. Isisusa kungaba wumona,” esho.
Uthe usabela impilo yakhe futhi ngeke akwazi ukusho okuningi noma adalule amagama abasolwa.