Lubhalwe nguZavela Makwabe
Owayekhulumela uMasipala waseNelson Mandela Bay uRoland Williams ubuyele ejele ngemuva kwezinsuku eziyisithupha kuchithwe isicelo sakhe sokudlulisa icala mayelana nokuhlehliswa kwesigwebo sakhe.
Owayengumeluleki(spin doctor) ugwetshwe iNkantolo yesifunda e-Gqeberha ngecala lokukhwabanisa ngo-2018 ngemuva kokuvuma icala lokuqamba amanga ngengozi yemoto ukuze athole u-R96 000 ku-Santam.
UWilliams owayedume ngokuphila impilo ewubukhazikhazi ngaleso sikhathi wafaka isicelo enkampanini esithi ngomhlaka-19 kuNcwaba ngo-2019 imoto yakhe ewuhlobo lwe-BMW emnyama yaba sengozini e-Motherwell ngesikhathi ibalekela ukushayisana nenkomo.
Inkampani yomshwalense yabikelwa ngalo mkhonyovu ngemuva kweminyaka emibili ngesikhathi isisebenzi senkampani siveza lokhu sabe sesivula icala.
Kamuva kwavela ukuthi uWilliams wayenezinkinga zezimali ngaleso sikhathi futhi wayefuna imali esheshayo.
Uze watshela iNkantolo eNkulu yaseMakhanda ukuthi ukugwetshwa kwakhe kumenze wangakwazi ukuthola umsebenzi futhi udonsa kanzima ngokwezimali, umndeni wakhe usuthembele kubangani nezihlobo zakhe ngezimali.
Umsolwa oneminyaka engu-51 ubudala owalivuma icala waba esegwetshwa izinyanga ezingu-36 eqondiswa izigwegwe, isigwebo seminyaka emine kanye nenhlawulo ka-R30 000 ngokuqola inkampani yomshwalense.
Waphinde wayalelwa ukuthi akhokhele inkampani imali anikezwa yona ngesimangalo esingelona iqiniso.
Encazelweni yakhe lo owayengumeluleki (spin doctor) uchaze ukuthi wayengakwazi ukuthenga injini yemoto yakhe futhi wanikezwa isixazululo esisheshayo umnikazi wenkampani.
Bahlela ukuthi imoto ichazwe njengelimele ngendlela engeke isakwazi ukulungiseka, bakhohlisa inkampani yomshwalense ukuthi ingagcini ngokumkhokhela u-R96 000, kodwa imkhokhele no-R19 000 wokudonswa kwemoto.
I-Santam yaqolwa imali engango-R115,000 isiphelele.
Inkampani enza nayo ubugebengu nayo ibhekene namacala.
UWilliams waboshwa ngoLwezi nyakenye njengoba ubehluleka ukukhokha nyanga zonke okwakuvunyelwene ngakho ngesikhathi egwetshwa.
IMantshi uLionel Lindoor ikhiphe isinqumo sokuthi yize imali isibuyisiwe, kodwa ubaba wezingane ezine kumele abhadle ejele njengoba ephule imibandela yesigwebo.
NgoNdasa icala lavela eNkantolo ePhakeme yase-Port Elizabeth Specialised Commercial Crimes wanikezwa ibheyili ka-R10 000 kusalindwe imvume yokudlulisa isigwebo sakhe.
Okhulumela i-NPA esifundeni uLuxolo Tyali ukuqinisekisile ukuthi uWilliams uzinikele ezandleni zeziphathimandla ngoLwesithathu.
“Uzoqala ukudonsa iminyaka emine ngemuva kokuchithwa kwesinqumo sakhe ngomhlaka-20 kuMfumfu eNkantolo eNkulu,” kusho uTyali.
Isithombe esingenhla ngesikaRoland Williams
Umthombo wesithombe: @HeraldLive