Ziyambhedela izinto umqeqeshi wamaSharks

Lubhalwe nguLucky Maree

Inkulumo ethi “ikati ophahleni lukathayela oshisayo” ikhuluma ngokuphelelwa yithemba kwekati elivaleleke ophahleni lukathayela olushisayo elizama ngamandla ukuphuma, kodwa kungenzeki. 

Kanjalo nophahla luya  ngokuya luyashisa kumqondisi webhola lombhoxo wama-Sharks, uNeil Powell.

Ukufaka uJohn Plumtree.

Ngesikhathi uPlumtree edlalela ama-Sharks (nangaphambilini), bekujabulisa ukumubona egijima. Uma uthanda ibhola lombhoxo elingenazo izinxushunxushu, ukubuka lo mdlalo osebenza ngokuzikhandla ongakaze akhononde kwakuhlezi kuyintokozo futhi wayezimisela kakhulu.

Uqhubeke nokuzimisela kwakhe ngisho ekuqeqesheni.

Ukwenze lokhu ngempumelelo, uqeqeshe ama-Sharks akwazi ukunqoba i-Currie Cup ngo-2008 futhi waqokwa njengomqeqeshi ohamba phambili we-Absa. Ngo-2012 izinto zabuyela emuva kuma-Sharks njengoba isikhulu esisha uJohn Smit wamxosha. Lokhu kwakungathusi njengoba kwase kukhona amahlebezi okuthi abadlali abasayithandi indlela yakhe yokuqeqesha engaphikiswa.

Waya e-Ireland njengomqeqeshi we-scrum lapho aphumelela khona, wabe esebuyela e-New Zealand wanikezwa umsebenzi wokuba umqeqeshi we-All Blacks scrum.

Ukusebenza ngaphansi komqeqeshi u-Ian Foster bekumhlukumeza.

Noma ngabe bekuyiphutha likaPlum noma cha, kodwa ngaphansi kwesandla sakhe i-All Blacks pack ibhekane nobunzima eyayingakwazi ukuphuma kubo.

“Abadlali abaphambili be-All Blacks sebethambile,” kusho ongoti benikina amakhanda beqinisa izindebe.

Njengoba sonke sazi manje, uFoster usengasemnyango yize ephoqeleke ukuthi aqhubeke ahlale kuze kudlule iNdebe yoMhlaba, kodwa uPlumtree bamuxosha  ngokushesha.

Kungani, akumangazi ukuthi useqhamuke kuma-Sharks?

Enye yezinto zokuqala ezenziwa uNeil Powell ngesikhathi ejoyina ama-Sharks njengomqondisi webhola lombhoxo ngasekupheleni konyaka odlule, ukuxosha umqeqeshi uSean Everitt.

Imiqhudelwano yokugcina kaPowell njengomqeqeshi we-Blitzboks ayizange ibe impumelelo. UPowell oseqeqeshe imidlalo eyisikhombisa, akakaveli njengomqeqeshi weminyaka engu-15 futhi ubonakale engasebenzi kahle.

Njengamanje njengoba esaseqenjini lama-Sharks isithunzi sakhe sicwila e-Indian Ocean mihla namalanga. Akungabazeki futhi kubukeka sengathi usebonile ukuthi kumele asuke ebhentshini lomqeqeshi. Kufanele aphume kulayini wokuxoshwa futhi ngokushesha!

Iqembu lama-Sharks alixoshani. Kunzima ukukhumbula ukuthi amagama amakhulu abadlali bebhola lombhoxo ake adlalela leli qembu lama-Sharks emdlalweni lapho ashaywa khona yiqembu lesibili i-Leinster. 

Ukubukela ompetha abafana njengo-Aphelele Fassi, uMakazole Mapimpi, uGrant Williams, uThomas du Toit, uBongi Mbonambi, u-Ox Nche kwenza ube namahloni. Ngisho nomdlali ovelele njengoLukhanyo Am ubonakale ephoxekile futhi uSiya Kolisi usevele walibangisa ezintabeni zase-France.

Ngakho-ke , njengekati ophahleni lukathayela oshisayo, uPowell ushiye umsebenzi omkhulu ezandleni zikaJohn Plumtree.

Elakuleli linabaholi bebhola lombhoxo abakhuthaza ngempela njengoba sazi kukhona uRassie Erasmus, kube khona noJohn Dobson okhaliphile kanye noJimmy Stonehouse we-Pumas.

UPlumtree osehambe ibanga eliphezulu, akakhuthazi kangako kunoPowell.

Ngabe uPowell ucabanga ukuthi uPlumtree uzoletha muphi umehluka kuma-Sharks? Mhlawumbe unethemba lokuthi ukuhlehla nokudedela uPlumtree kuzokwenza impilo yakhe ibe lula. 

Ngabe unethemba lokuthi ama-Sharks azovuka isigubhukane abe iqembu lesifundazwe lamazwe ngamazwe? Kodwa bekungakuhle uma bengase baqale ukunqoba imidlalo yasekhaya?

Ezingeni lokuhlolwa, iqembu elidlala kabi lama-Sharks liyinselelo enkulu kumaBhokobhoko kanye neNdebe yoMhlaba. U-Erasmus noJacques Nienaber abanaso isikhathi esiningi kangako sokucathulisa abadlali abasezingeni eliphezulu ukuze bakhumbule ukuthi kungani bedlala ibhola lombhoxo.

Izwe lidinga ama-Sharks ukuthi avuke emaqandeni. UPowell akalethanga ushintsho obelulindelwe, ngabe uPlumtree uzokwenzenjani? 

Osesithombeni esingennla: UJohn Plumtree

Umthombo wesithombe: @sharksrugby

Izihloko zakamuva