Ziyalakanyana izinkinga kwi-PSG

Razeen Gutta

Kusukela ekuthandeni ama-tweets ayimpikiswano, ukuxabana enkundleni  ukungezwani phakathi kwezihlabani ezimbili ezinkulu zebhola sekuyashuba e-France.

UKylian Mbappe noNeymar Jr baxabane ngempelasonto ngesikhathi uMbappe ekhombisa ukudinwa ngemuva kokuthi engazange adlulise ibhola kuyena.

Lo mdlali wase-France uphinde wageja iphenathi wabe esebonakala engavumelani nesinqumo sikaNeymar sokuthola ithuba lebhola.

Ekugcineni i-PSG ishaye i-Montpellier ngamagoli amahlanu kwamabili, kodwa bobabili baqhubekile nokuxabana ngaphandle kwenkundla ngemuva komdlalo.

UNeymar uwathandile ama-tweets agxeke isinqumo sozakwabo sokusayina inkontileka entsha nokuthi lesi sinqumo sibe nomthelela omubi ekusebenzeni kwakhe.

Imibiko eminingi iveze ukuthi laba bobabili bafakwe egunjini lokushintsha ngemuva komdlalo kanti abanye baze baveza ukuthi uMbappe ufuna adayiswe lo mdlali wase-Brazil.

“Izinkinga eziku-PSG azikho ngenxa yemali,” kusho intatheli yase-France uRomain Molina. “izinkinga zidalwa ukuthi uMbappe ucele abaphathi be-PSG ukuthi badayise uNeymar kanti uNeymar uzothola ngalokho.”

Ukuba khona kukaLionel Messi kuletha ezinye izinkinga eqenjini. Futhi ukuba nabo bonke abadlali abathathu enkundleni ngokusho kukaThierry Henry wase-France kusho ukuthi kuzohlala kunezinkinga eqenjini.

“Indawo yakhe uMbappe kuzofanele ayiveze njengoba ekhombisile kwasekuqaleni. Kodwa umqeqeshi kuzomele athole indlela yokubadlalisa bobathathu uMessi, uNeymar kanye noMbappe futhi ubajabulise ngobafisela inhlanhla,” kusho uHenry.

“Kwi-PSG kuhlale kunenkulumompikiswano . Banqobe ngamagoli amahlanu kwamabili, kodwa sikhuluma ngoMbappe.

Ngonyaka odlule kwakunguNeymar shuthi kuyohlezi kunezinkinga kwi-PSG.”

Izihloko zakamuva