Ziyakhula izinkinga zaseNdlunkulu njengoba sekuphinde kwafakwa esinye isicelo enkantolo

Celani Sikhakhane

Omunye wabafelokazi beSilo samaBandla esakhothama uGoodwill Zwelithini, uNdlunkulu uSibongile Zulu uMadlamini, usecele ijaji lenkantolo enkulu eMgungundlovu umehluleli Isaac Madondo, ukuthi lihoxe kuleli cala.

UNdlunkulu uMaDlamini wafaka isicelo sokuthi imishado yabafelokazi abahlanu beSilo esesakhothama ithathwe njengento engekho futhi ichithwe. 

UMaDlamini uthi isizathu sokuthi uMadondo ahoxiswe ingoba nguyena owangamela umshado weNdlovukazi uZola kaMafu eSigodlweni Ondini ngo-2014, lokho okungamenza abe nokwenzelela uma esekhipha isinqumo kuleli cala lombango wesihlalo sobukhosi. Njengoba uMaDlamini elwela ukuthi lemishado ichithwe, ukhala ngokushayisana kwemibono kuleli cala.

UNdlunkulu uMaDlamini uveze ukuthi umshado wakhe neSilo samaBandla esakhothama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu wawuhlanganisa amafa ngakho-ke kumele kugunyazwe umshado wakhe. Uthe ngenxa yalokho unelungelo lokuthola u-50% wefa leSilo.

Ifa leSilo uZwelithini kaBhekuzulu lilinganiselwa kwimali engango-R71 million.

Kodwa inkantolo enkulu yaseMgungundlovu isole uNdlunkulu  uSibongile Zulu, uMaDlamini ngokwenza izitatimende eziphikisanayo esicelweni sakhe sokuthi kuchithwe imishado.

Esicelweni sakhe esilalelwe enkantolo ngoLwesibili, uNdlunkulu uMaDlamini uthe nakuba efuna ichithwe imishado yabanye  oNdlunkulu beSilo esakhothama, kodwa akafuni bakhishwe ezigodlweni zabo.

Uphinde wakubeka kwacaca ukuthi izingane zabo kumele zidedelwe ziqhubeke nokuthola konke okufanayo nokulinganayo njengezakhe.

Ilapho ijaji uJustice Mjabuliseni Madondo esole khona uNdlunkulu uMaDlamini ngokusho izinto ezingafani.

“Ungasifaka kanjani isicelo sokuchithwa komshado wabo neSilo esakhothama ngemuva kwalokho ufune bangasuswa ezigodlweni zabo?” Kubuza uMadondo.

“Kuyadida lokhu akwenzayo njengoba efuna le nkantolo ichithe umshado wabantu asebeshade iminyaka engaphezu kwengu-30.”

Olunye udaba oluvele enkantolo ngoLwesibili udaba oluvulwe izingane zikaNdlunkulu uMaDlamini, inkosazane uNtandoyenkosi Zulu noNtombizosuthu Zulu-Duma. Amakhosazana aphikisana nokusayinwa kwencwadi yefa yeSilo uZwelithini njengoba ekholwa ukuthi akusiyo ekayise osakhothama.

Inkantolo izophinde ihlangane ngoLwesithathu.

Izihloko zakamuva