Ziyadamba izibhelu zase-France

Ziyadamba izibhelu eFrance ezihlasele leliyazwe izinsuku ezinhlanu ngemuva kokudutshulwa kwebhungu ngesikhathi kunezivimbamgwaqo zamaphoyisa.

NgeSonto ebusuku, kuboshwe abantu abangaphezu kuka-150, ukwehla okukhulu uma kuqhathaniswa nezibalo zangobusuku bangaphambilini zabangaphezu kuka-700 ababoshwa.

NgoLwesibili, uMengameli wase-France u-Emmanuel Macron uzohlangana nezimeya zomasipala abangu-220 abakhahlanyezwe udlame.

Izicelo ezehlukene zokuthi luphele lolu dlame sezike zenziwa, okuhlanganisa nomndeni webhungu elidutshuliwe elihlonzwe ngelikaNahel M.

UNahel obeneminyaka engu-17, wakhulela e-Nanterre entshonalanga ye-Paris. Ukhule kuyena yedwa ingane ekhuliswa ngunina. Ubesebenza njengomshayeli ohambisa izimpahla futhi edlala iligi yebhola lombhoxo. Wabhaliswa ekolishi lase-Suresnes elingekude nalapho ayehlala khona, waqeqeshelwa ukuba uchwepheshe kagesi.

Izimeya ezweni lonke zinxuse abantu ukuthi bahlangane ngaphandle kwamahholo edolobha ngoMsombuluko ukuze babhikishele udlame nokuphanga.

Embikweni wabezindaba, inhlangano yezimeya zase-France izwakalise ukukhathazeka ngezinxushunxushu ezenzeka emiphakathini ezweni lonke kanye nezimpawu zama-republican ezihlaselwa ngodlame oludlulele.

Isitatimende sabezindaba siphinde sikhulume ngokuhlaselwa komuzi wemeya osedolobheni lase-Paris ngempelasonto, lapho ababhikishi bedubule khona amarokhethi bebhekise kunkosikazi wemeya nezingane, kubika i-BBC. Lesi sigameko sithathwa njengesokuzama ukubulala.

Kucekelwe phansi amahholo amadolobha kanti amanye ashiswe ngesikhathi kuqhubeka izibhelu.

Yize bezisabikwa izigameko ngeSonto ebusuku, zehle kakhulu uma kuqhathaniswa nesonto eledlule. Isibalo sezimoto ezishisiwe sehle safinyelela ku-297 sisuka kwezingu-1,900 zangoLwesine, kwathi izakhiwo ezingu-34 zicekelwe phansi noma zashiswa okuyisabalo esehle kakhulu ukusuka kwezingu-500 ezicekelwe phansi ngoLwesine.

NgeSonto, kushone isichishamlilo (24) ngesikhathi sizama ukucisha umlilo ngemuva kokuba izimoto eziningi zithungelwe umlilo endaweni yokupaka izimoto e-Seine-Saint-Denis, enyakatho ye-Paris.

UNgqongqoshe wezangaphakathi uthe okwamanje akukho okusemthethweni okuxhumene nodlame oluqhubekayo, kodwa uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholakale imbangela yomlilo.

Alinganiselwa ku-45,000 amaphoyisa atshalwe ezweni lonke osukwini lwesithathu kulandelana, kodwa isimo sangeSonto ebusuku besizolile uma kuqhathaniswa nangaphambilini.

Ngempelasonto umndeni kaNahel unxuse ukuthi kube nokuthula, wazwakalisa isifiso sabo sokuthi ukushona kwakhe kungadali izibhelu ngesikhathi ugcizelela ukuthi kuguqulwe imithetho ethinta ukusetshenziswa kwamandla okubulala uma kunezivimbamgwaqo.

Ugogo kaNahel ugxeke izibhelu ngokusebenzisa ukushona komzukulu wakhe njengezaba wathi akuqedwe ukucekelwa phansi kwempahla yomphakathi.

Luhlanganiswe ngumbhali we-staff

Isithombe esingenhla: Izibhelu zase-France

Izihloko zakamuva