Arthur Greene
Ngemuva kweminyaka engama-20 abalondolozi bemvelo e-Cape Verde baqala ukuzulazula emabhishi ukuze bavikele izidleke zezimfudu, namhlanje umsebenzi wabo onzima ekugcineni uthela izithelo njengoba inani lazo landa.
Njalo ebusuku ngesikhathi sokuzalela, uDavis Semedo wehla enyuka ogwini lolwandle esiqhingini sase-Maio. Ugada izimfudu ezibhukuda ziya ogwini, futhi usuke ezivikela kubazingeli ngesikhathi eqoqa imininingwane.
USemedo ungomunye wabantu bendawo abayi-100 abafeza le ndima, kodwa kulo nyaka ubematasa kakhulu.
Inani lezimfudu ze-loggerhead liye lenyuka eminyakeni emihlanu edlule. Indawo yezemvelo yeqoqo leziqhingi lilinganise ngokuthi bekunezidleke ezingaphezulu kweziyi-200,000 ngonyaka wezi-2020. Ngonyaka wezi-2015, kubalwe ezingaphansi kweyi-11,000.
“Imizamo yokongiwa kwemvelo e-Cape Verde yaqala eminyakeni engama-20 edlule – leso yisikhathi esithatha izingane zezimfudu ukuthi zibuye sezikhulile,” kusho u-Albert Taxonera, umsunguli we-Project Biodiversity, okuyinhlangano yendawo, etshela i-Guardian.
USemedo, okufanele alinganise ufudu ngalunye aluvikelayo futhi alufake ngomshini wokulandela umkhondo, wayengazinikele kangako ekuvikeleni izimfudu zasolwandle.
“Ngaphambilini, bengivele ngizibone njengokudla izimfudu,” kusho uSemedo etshela i-Guardian. Kodwa kusukela ngosuku lokuqala engabona ngalo ufudu, ngangazi ukuthi ngifuna ukulivikela.
I-loggerhead turtle yayibonwa abaningi njengomthombo wamaprotheni wamahhala futhi otholakala kalula, kodwa manje – njengoba eminye imithombo yamaprotheni isitholakala kalula, bambalwa abantu abawadlayo.
Uhulumeni wase-Cape Verde uye washintsha inhliziyo naye. Kusukela ngonyaka wezi-2018, akusekho emthethweni ukubulala, ukuhweba kanye nokusetshenziswa kwezimfudu zasolwandle.