Zixolisile izigebengu ezigeje umgodi

Doreen Mokgolo

Ngesikhathi iqembu lezigebengu libona ukuthi ligebenga umuzi okungewona futhi selidubule indoda okungeyona, liye laxolisa kwisisulu lase limphuthumisa esibhedlela.

URobert Nyamusi unenhlanhla ngokuthi usaphila ngemuva kokushaywa nokudutshulwa amahlandla amane emathangeni ngesikhathi izigebengu ebezihlomile zihlasela umuzi okungewona ezaziwuhlosile ngoMgqibelo ebusuku.

UNyamusi ubesendlini yakhe eJohn Dube elokishini laseDuduza nendodana yakhe ngesikhathi eyozikhulula endlini yangasese engaphandle. Kodwa ngesikhathi evula isicabha sonogada, amadoda ahlomile avele atheleka endlini.

“Ngesikhathi ngibabuza ukuthi bafunani omunye wala madoda wangitshela ukuthi bafuna imali,” kusho uNyamusi.

“Ngesikhathi ngimtshela ukuthi asinayo imali, uye wathukuthela. wangitshela ukuthi akadlali wabe esengidubula.”

Iqembu lezigebengu libe selipeketula endlini lathola imali engu-R300 esikhwameni sakhe kanye no-R5 000 ngaphansi komatilasi wakhe.

“Izigebengu ziphinde zathatha omakhalekhukhwini abathathu nobhiya bami ababili,” etshela i-Scrolla.Africa.

UNyamusi uye wazibuza ukuthi wenzeni ukuze ahlaselwe ngodlame olungaka.

Kuthe ngenkathi sebehamba, uNyamusi wezwa omunye wabaphangi etshela umholi ukuthi basendlini okungeyona.

“Esinye sezigebengu sixolisile ngesenzo sabo. Uye wanginxusa ukuthi ngithole usizo lwezempilo ngaphambi kokuba ngophe ngize ngife,” kusho yena.

“Ngesikhathi ngimtshela ukuthi angikwazi ukuhamba ngoba ngidutshulwe emathangeni, ungithwale wangiyisa kwamakhelwane ngaphambi kokuba abaleke endaweni yesigameko.

Uthe ubehlele ukuthumela imali emndenini wakhe ose-Mozambique ngakusasa ukuze kukhokhelwe izingane zakhe esikoleni.

Okhulumela amaphoyisa aseDuduza, uSayitsheni Harry Manaka ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokugetshengwa.

“Akekho osaboshiwe futhi uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka. Sicela noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi umsolwa ungubani noma ukuphi ukuthi aphumele obala,”  usho kanje.

Scrolla World Cup Quiz