Celani Sikhakhane
Ngenkathi umhlali odume kakhulu eNkandla, uJacob Zuma, esaphethe isizwe njengoMengameli, abahlali bangakubo eMakhendle babenethemba lokuthi bazobona intuthuko emphakathini.
Kodwa namhlanje, iningi lalabo abahlala eMakhendle, eduze nesigodi sakwaZuma esibizwa ngokuthi ikwaNxamalala, basahlala ezindlini ezifulelwe ngotshani ezisesimeni esingesihle kahle futhi ezingawa noma inini.
INduna yendawo, umama uSebenzile Nhlebela, utshele i-Srolla.Africa ukuthi indawo iyaqhubeka nokunganakwa nguhulumeni wendawo, yize indawo yaseNkandla inesabelozimali ebekelwe yona enkulu.
Phakathi konyaka wezi-2009 nonyaka wezi-2017, isabelozimali sonyaka yendawo yaseNkandla kubikwa ukuthi sasihlale siphezulu okudlula isabelozimali sonyaka sesifundazwe.
ONgqongqoshe bavakashele indawo yakwaShange kanye nesigceme sakwaNxamalala, beza nentuthuko yezakhiwo nokutshalwa kwezimali kwangasese.
INduna uNhlebela ithe labo abasendaweni ekahle ngokwanele bathuthela ezindaweni zaseNkandla ezinentuthuko, bashiye iMakhendle isalele emuva kakhulu.
“Sonke besifuna ukuthuthela kwaShange nakwisigceme sakwaNxamalala, kodwa asikwazanga ukwenza lokho ngoba sinamathuna emindeni yethu lapha. Asikwazi ukushiya okhokho bethu,” kusho iNduna uNhlebela.
Uthe babenethemba lokuthi uhlelo lokwakhiwa kwezindlu lizoshesha ngesikhathi uZuma ekhethwa njengoMengameli ngonyaka wezi-2009.
“Sasinethemba elikhulu lokuthi sizothola izindlu zomxhaso ngoba ubenguMengameli. Akuzange kwenzeke futhi manje sesilahlekelwe yithemba lokuthi siyoke sizithole yini izindlu zomxhaso.
Abahlali baKwaDhlomo naseMabhuqwini nabo bathuthela ezindaweni ezichumayo ezisemadolobheni.
Ukuthuthuka kwakamuva kwaShange nesigceme sakwaNxamalala kufaka phakathi umgwaqo ohlanganisa iNkandla, Eshowe nakwaMaphumulo ku-N2 e-Stanger. Kusungulwe nemitholampilo emisha, izikole kanye namahhovisi ezokuthuthukiswa komphakathi kule minyaka edlule, okuholele kuqhekeko olungaphakathi.