Lubhalwe nguKarabo Rammutla
UMatlakala Mathye ubecabanga ukuthi uyahlanya ngesikhathi ethola umyalezo omsabisayo ovela kwisikhulu sikaMasilala wase-Tshwane.
Umlayezo ubuthi kuzoshuba uma ungakhokhi.
UMathye uqale phansi wacisha umakhalekhukhwini wakhe ecabanga ukuthi ubona izinto ezingekho.
Kodwa ngempela lo myalezo ubuvela kuMasipala wase-Tshwane.
UMathey (48) uthe uzizwe ephoxekile futhi esaba ngemuva kokuthola lo myalezo.
“Namanje kuzwakala kungelona iqiniso. Umasipala omkhulu kangaka ogcwele izikhulu. Ngike ngezwa ngaphambiliniukuthi izintombi nezihlobo zezikhulu izona eziqashelwa imisebenzi yakaMasipala. Lokhu kuyakufakazela esengike ngakuzwa futhi akekho umuntu oqeqeshiwe ongaziphatha kanje,” etshela i-Scrolla.Africa.
UMathye uvumile ukuthi ukweleta uMasipala wase-Tshwane izimali. Uthe uzofaka isicelo sohlelo lwabanhlwempu ngoba akasebenzi.
Isakhamuzi uKatlego Kekana naye uthole lo mlayezo. Njengokufana noMathye, naye ukweleta uMasipala imali yama-rates engakhokhiwe.
Kodwa uKekana uthe uMasipala kumele unxephezele bonke abathole le miyalezo.
“Kufanele baphinde basule isikweletu sethu njengesinxephezelo, kungani siphathwa kanjena?
Okhulumela uMkhandlu wase-Tshwane, uSelby Bokaba uthe umsebenzi ungowomunye wabahlinzeki bezinsizakalo abanenkontileka noMasipala ukuze baqoqe izikweletu.
Uphenyo lokuqala luhlonze obhale le miyalezo.
UBokaba uthe inkampani imise umsebenzi othintekayo ukuze kuqhutshekwe nophenyo ngemuva kokuthi izakhamuzi eziningi zithole umyalezo osabisayo.
“Inkampani iphinde yazibophezela ekwenzeni uphenyo lwangaphakathi kanti umphumela walolu phenyo uzokwabelwa umasipala.”
“Sifisa ukuqinisekisa wonke amakhasimende ethu, amalungu omphakathi kanye nabo bonke ababambiqhaza abanentshisekelo ukuthi izinhlelo zethu zokulawula i-inthanethi zisalokhu zinjalo.
“Lonke ulwazi oluyimfihlo kanye/noma oluyilungelo luhlala luvikelekile. Sifisa ukuphinde sixolise ngokuqukethwe kabi kwemiyalezo okubikwa ukuthi iphuma kuMasipala.”
Isithombe esingenhla: Umasipala wase-Tshwane
Umthombo wesithombe: Flickr