Zisuse umsindo izithombe zikanontandakubukwa edunusa enezingane

Karabo Rammutla

Ozibiza ngoQueen uMinaj waziwa ngabalandeli bakhe ku-Twitter ngokungasabi ukuveza umzimba wakhe.

Uveza izinqa zakhe ukuze ajabulise bonke abalandeli bakhe.

Kodwa lo ozibiza ngoQueen Minaj kungenzeka ukuthi useyinyathele emsileni.

NgoLwesine ucasule abantu ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi efaka izithombe zakhe enezingane zesikole samabanga aphansi e-Prep and College (PEPPS) e-Polokwane zisagqoke umfaniswano wazo wesikole.

Esithombeni ubonakala eveze izinqa efake ne-G-string.

Yize ethi izingane zicele isithombe naye, abazali nabantu ezinkundleni zokuxhumana bacabanga ukuthi usekwenze kwadlulela.

Ngenkathi abanye bethinta iziphathimandla ngodaba lwakhe, abanye bafunga ukuthi bazobika udaba lwakhe ku-Twitter.

Uthe uhlangane nezingane sekuphuma isikole wabe esenquma ukuthatha isithombe nazo ngoba zicelile.

“Ngingumuntu okhululekile futhi bengingeke nginqabe ukushutha nezingane.”

Uthe ngokuzayo ngeke athathe izithombe nezingane ezincane ngoba akwehli kahle kubantu abadala.

“Ngizozenqaba izingane ukuze kube nokuthula. Nginobudlelwano obuhle nabalandeli bami futhi angifuni kushintshe,” kusho yena.

Nokho u-@_Mthembu ku-Twitter uthe uMinaj uqamba amanga njengoba izingane zesikole samabanga aphansi zingavunyelwe ukuphatha omakhalekhukhwini “Izingane ezingavunyelwe ukuphatha umakhalekhukhwini manje zingacela kanjani isithombe uMinaj unamanga futhi akafuni ukukuvuma lokho ulimaza umqondo wezingane.”

I-PEPPS ikhiphe imemo kubazali izwakalisa ukushaqeka ngezithombe.

“Usomathuba uthathe izithombe nabafundi bethu ngaphandle kwabazali nemvume yethu wabe esefaka isithombe esidlangalaleni. Lokhu kuyishwa futhi akufanele, akaxhumene neze ne-Pepps futhi isithombe sisibikike ku-Facebook siyathembusa sizolulandela lolu daba.”

Umfundisi uSeiletji Mangena we-Terone African Apostolic Church uthe abalingisi bakamabonakude abafana noZodwa wa Bantu noGogo Maweni bagqugquzela abantu ukuthi badunuse.

“Manje sebenesibindi futhi bafuna ukunxenxa izingane. Lokho kuwukuhlukumeza nokungahloniphi emphakathini. Iziphathimandla kumele zisukumele phezulu ngaphambi kokuthi iqhubeke le ndaba.”

Izihloko zakamuva