Celani Sikhakhane
Imvula enamandla KwaZulu-Natal ibe nomthelela omubi ezweni lonke.
Kodwa-ke okuqale njengesimo sezulu esingesihle ngoMgqibelo kuphenduke inkinga emiphakathini eminingi yaseThekwini okuhlanganisa nowangakithi.
Izimvula ezimbi kakhulu zibe mandla kakhulu ngeSonto nangoMsombuluko kanti kuze kube manje sezibulale abantu abangu-45 emalokishini aseNanda, eNtuzuma naseMlazi.
Endaweni yangakithi, ngibone izimoto ebezisanda kungedlula zintanta njenge zikebhe zehla ngomfula wangakithi.
ENanda kuzwakale ukukhala kwabantu ngezithuba zasekuseni ngoMsombuluko ngesikhathi izikhukhula zingena emizini yabantu. Ngaphandle bekuguguleka izimoto nezindlu bezicekeleka phansi.
Lonke uhlobo lwempahla ongalucabanga lucekeleke phansi.
ENtuzuma labo izindlu zabo ezingenwe ngamanzi bathathwa njengabanenhlanhla ngoba izindlu zalabo abangabanga nenhlanhla zicekeleke phansi ngemizuzu embalwa, ezinye zigugulekile.
Izihlahla ziwele emigwaqeni kwaguguleka nezindlu zangasese ebezakhiwe ngaphandle kwezindlu. Amatekisi awakwazanga ukuhamba ngenxa yokucekeleka phansi kwemigwaqo.
Amabandla obekulindeleke ukuthi abambe imikhosi yawo yokuqala yePhasika kule mpelasonto selokhu kwaqala umvalelo ngo-2020 acekeleke phansi.
Kodwa lokho kuncane kunezinkinga abantu ababhekene nazo. Kuyimanje abanye abanakho ukudla kanti nezikole zivaliwe.
UNgqongqoshe wezeMfundo eKZN uMnu Kwazi Mshengu udalule ukuthi zibalelwa ku-500 izikole ezivaliwe.
IMeya yeTheku uMxolisi Kaunda uthe amahholo omphakathi avuliwe kulabo abalahlekelwe amakhaya abo.
“Sinxusa wonke amalungu omphakathi akhahlanyezwe yilezi zikhukhula ukuthi aye emahholo omphakathi lapho azothola khona usizo,” kusho uKaunda.
Isimo sibi ukwedlula esake sabonwa yibo bonke abantu lapha selokhu kwaba nezibhelu zangoNtulikazi nyakenye.
Okhulumela iTheku uMnu Msawakhe Mayisela esitatimendeni uthe ngenxa yokuphazamiseka kwengqalasizinda azikho izicelo zomngcwabo ezizokwamukelwa okwamanje.