Zishiye kukhalwa izikhukhula  eMnambithi 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Imvula enamandla ebihlasele KwaZulu-Natal kuleli sonto idale umonakalo oshiye imindeni eminingi ingenamakhaya eMnambithi.

Kusukela ngoLwesine kudingeke ukuthi imindeni ezindaweni ezahlukene isizwe abezimo eziphuthumayo njengoba imizi yayo icekelwe phansi imvula enamandla, iziphepho kanye nomoya onamandla.

Imvula iphinde yacekela phansi ingqalasizinda kuyo yonke indawo, yadala umonakalo emibhoshongweni yenethiwekhi ngesikhathi kwenzeka le nhlekelele.

Ikhansela lesigceme sesi-16 uGenart Zikalala utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umasipala uzama ngakho konke okusemandleni ukuthi ungenelele ngokuthi utshale izikhungo zezinhlekelele kodwa isimo singaphezu kwamandla awo.

Uthe ingaphezu kuka-20 imizi ecekeleke phansi kwacekelwa phansi namahholo omphakathi. Esigcemeni sakhe labo  abanemizi engacekelekanga phansi bacelwe ukuthi bahlalise labo abalahlekelwe yikho konke.

“Umasipala wethu i-Alfred Duma unezinsiza ezishodayo zokusiza laba bantu kanti lokho kube inselelo kithina sonke obekumele sibhekelele izindawo ezithintekile,” kusho uZikalala.

Uthe amanye amathimba esifunda sasoThukela aye kule ndawo ngoLwesihlanu ekuseni ehambise amatende njengendawo yesikhashana, ahlangabezane nezinye izidingo ezibalulekile.

Iningi lezindawo ezikhahlamezekile ezigodini ezisezindaweni zasemakhaya eMnambithi kwenze kwaba nzima ukusiza abakhahlamezekile njengoba eminye imigwaqo ibilimele kakhulu kangangokuthi izimoto eziphuthumayo bezingakwazi ukufika ngesikhathi.

NgoLwesithathu, i-South African Weather Service ixwayise ngokuthi kuzophazamiseka izifunda zaseMnambithi nezinye izifunda zasemakhaya ngenxa yemvula ecekele phansi yezinga lesishiyagalolunye.

Lolu phiko selehlise izinga lokuqwashisa ezindaweni ezisentshonalanga ye-KZN yafinyelela ezingeni lesibili.

Esithombeni esingenhla: Umuzi womndeni wakwaMazibuko e-Driefontein ocekelwe phansi imvula enamandla eMnambithi ngoLwesine ntambama.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva