Zishayane zaze zabukana iMadrid neMan City

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Emlenzeni wokuqala wesigaba sokugcina se-Uefa Champions League ngaphambi komdlalo wamanqamu e-Istanbul, i-Real Madrid ne-Manchester City badlale ngokulingana ngo-1-1.

Ompetha ababili bebhola lase-Europe babhekane e-Santiago Bernabeu, nompetha base-England befuna ukusondeza igxathu elilodwa ekubeni baphinde babengompetha.

Ukuze bakwazi ukwenza lokho, bazodinga ukuvimba konke ukuhlasela abazobhekana nakho okuvela kompetha base-Europe.

Amaqhinga kaCarlo Ancelotti avele emqhudelwaneni ohlonishwayo izikhathi ezingu-190 okuyinani elikhulu kumphathi weqembu. Ngesikhathi kuqala umdlalo iqembu lakhe le-Los Blancos belibukeka lidonsa izinyawo, kodwa liphume enkundleni ngesikhathi sekhefu behola phambili ngegoli likaVinicius Junior.

Lo mdlali osemncane wase-Brazil ushaye ushaye iphenalthi enhle yeMadrid.

Igoli linikeze abadlali umfutho esiwombeni sesibili, abadlali base-Spain bebebonakala ukuthi sebebuye nomndlandla, kodwa baphoxwa u-Ederson ngesikhathi befuna ukoshaya igoli kwi-City.

UKevin de Bruyne wase-Belgium ushayele iCity igoli lokulinganisa.

Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala ushaye igoli elinguthulamsindo.

Imizamo kaDe Bruyne iphinde yamthumela ezingeni likaZinedine Zidane emagolini angu-14 e-Champions League, angu-11 kuwo angena esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano.

Zamaqembu ahlaselane kwaze kwakhala impempe yokugcina.

Konke kuzonqunywa ngoLwesithathu oluzayo njengoba umhlaba uzobe ubheke umlenze wesibili e-Manchester.

Isithombe esingenhla: UKevin de Bruyne

Umthombo wesithombe: @centregoals

Izihloko zakamuva