Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Izakhamuzi zaseKuyasa eKhayelitsha zisola umsebenzi wakaMasipala waseKapa ngokufuna imali kubo ngaphambi kokuthi aqoqe udoti.
UMsindisi Ngcobo (29) utshele i-Scrolla.Africa ngendlela ashaqeke ngayo ngesikhathi lo msebenzi ecela izakhamuzi ukuthi zimnike imali ukuze athenge okuphuzwayo.
“Ngilukhumbula kahle lolu suku, bekushisa kanti bengicabanga ukuthi ucela okuphizwayo ngoba nakhu eshiswa ilanga, kodwa lo mkhuba wakhe usewenza njalo uma bezoqoqa udoti ezindaweni zethu,” kusho uNgcobo.
Izakhamuzi ebezinqaba ukumnika imali akawuthathi udoti wazo.
“Wonke umuntu uyamazi, uwushiya kanjalo udoti uma benqaba ukumnika imali,” kwengeza uNgcobo.
Ngemuva kokuthi izakhamuzi zibone ukuthi ucela imali njalo uma ezoqoqa udoti zivele zaqondana naye ngqo.
“Imigqomo yenu kadoti ihlezi igcwele, yebo ngiyahola, kodwa muningi kakhulu udoti engiwuqoqayo ngihlale ngigoduka ngiphethwe iqolo,” kusho umsebenzi etshela izakhamuzi.
Izakhamuzi zithi lo msebenzi ubefuna u-R50. Ukhombisa ukuba nomhobholo.
“Lokhu akulungile vele sidonsa kanzima ngokwezimali manje sekumele sikhokhele umuntu ozokwenza umsebenzi wakhe akwamukelekile lokhu akwenzayo,” kwengeza esinye isakhamuzi.
Ilungu leKomidi leMeya kuMasipala we-Urban Waste Management, uGrant Twigg uthe abasebenzi babo abaqoqa udoti abavunyelwe ukucela imali kubantu ukuze babaqoqele udoti.
“Izindleko zokuqoqwa kwadoti zikhokhwa ngentela ye-Solid Waste Collections kuma-akhawunti entela yabahlali futhi abasebenzi abaqoqayo baholelwa ngendlela efanele ngemisebenzi yabo.”
Isithombe esingenhla: Ilokishi laseKhayelitsha eKapa okuyilapho isisebenzi sisolwa ngokufuna imali ngaphambi kokuqoqa udoti
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze