Lubhalwe nguLucky Maree
Bambalwa abaqeqeshi emhlabeni abangaqhudelana noRassie Erasmus kanti uRazor ungomunye wabo.
UScott “Razor” Robertson uyingqwele futhi ungumnqobi kanti uRobertson, njengoRassie uwuhlobo lomqeqeshi wesimanje. Unobuhlakani, unomdlandla futhi ubonisa imizwa yakhe ngaso sonke isikhathi.
Akanaso isithunzi sokuba umqeqeshi osatshwayo konke akwenzayo akufani nezinsuku zangaphambilini. Uyakukhuthalela ukuziveza, uyawuthanda umsebenzi wakhe kanye nabadlali nabo bayamuthanda futhi.
Nokho ukuqokwa kwakhe kuqale ukuvela ngemuva kweNdebe yoMhlaba.
Indlela aqokwe ngayo, kungaba ibhola lombhoxo noma yimuphi omunye umkhakha wezohwebo kwakuyinhlekelele enkulu.
Onyakeni lapho abaphathi bebhola lombhoxo ezingeni eliphezulu emhlabeni bekhombise khona ukuthi bangenza umonakalo kunoma yini, lesi isona isinqumo esasingesihle kakhulu.
Indlela i-New Zealand Rugby (NZR) eyaphoqa ngayo u-Ian Foster ukuthi aqhubeke njengomqeqeshi we-All Blacks kuyinto engaqondakali. Ukuze iqembu lenze kangcono eNdebeni yoMhlaba, ugqozi kumele luqhamuke phakathi kwabadlali uqobo hhayi kubaphathi.
UFoster akayena umuntu okwazi ukuqhamuka nezinto ezimangalisayo ngaphansi kwesimo esihle futhi ngeke aqale manje. Yize kunjalo ubezothwala kanzima eNdebeni yoMhlaba, kodwa manje usenentaba enzima okumele ayiqwale. Basengaba nethemba lokungena kuma-quarter-final, kodwa ngabe bayaphupha uma bengacabanga ukuthi bangangena kowamanqamu.
Kuyadabukisa kakhulu ukusho, kodwa izinsuku zabaqeqeshi abafana noWarren Gatland no-Ian Foster seziphelile ngempela.
UGatland uzibophezele ekuholeni ama-Wales eNdebeni yoMhlaba futhi njengoba ezibeke phansi uzokwenza lokho. Kodwa uma umbuka ngesikhathi semidlalo ye-Six Nation kuyabonakala ukuthi uncamela ukungabi khona.
U-Ian Fraser uhlezi exolisa kukho konke akwenzayo ngisho noma iqembu lakhe liwina.
Ngasohlangothini lwasekhaya imibuzo ibingakaqhamuki, kodwa mhlawumbe ongaqhamuka ungathi, ngabe isikhathi sikaJake White ongumqeqeshi wesifundazwe siyaphela yini njengoba isitayela sokuqeqesha sikaJohn Dobson sizuza impumelelo eyengeziwe?
UScott Robertson akukhathalekisile ukuthi uyi-All Black flank noma ungumqeqeshi we-Crusaders, umsebenzi wakhe uyancomeka futhi ngaso sonke isikhathi uhlezi ekhombisa ubuholi.
Ngesikhathi amukela ukuqokwa njengomqeqeshi wase-New Zealand, ngesizotha uthe “Sekuyisikhathi eside ngikulindile lokhu.”
Kungani uFoster engakadedelwa njengoba umqeqeshi wama-All Blacks engaziwa. Omunye usola ukuthi kumayelana nokumthenga kanye noRobertson ngaphandle kwezinkontileka zabo ezikhona. Yebo mhlawumbe bazama ukonga imali, kodwa lokhu kukhombisa ubuwula!
URobertson ukubeke kwacaca ukuthi ufuna ukuqeqesha iqembu lamazwe ngamazwe, hhayi ama-All Blacks kuphela. Mhlawumbe i-New Zealand Rugby ibicabanga ukuthi kufanele baqedele isivumelwano ngaphambi kokuthi asayine nelinye iqembu, nokuyinto ezwakalayo. Uma bebecabanga ukuthi ukuqokwa kwakhe bazokufihla bebedlala ngesikhathi.
UFraser uthe udaba lokuqoka umqeqeshi omusha ngaphambi kweNdebe yoMhlaba sekudale lokho akubize ngesinqumo esithokozisayo eqenjini.”
Futhi lokho wakusho ngaphambi kokuqokwa kukaRobertson.
Ukuthi iqembu labantu abadala lingahlala etafuleni lithathe izinqumo ngamabomu ngeqembu lama-All Blacks ngaphambi kweNdebe Yomhlaba kuyihlazo, kokubili kwezamabhizinisi kanye nombono webhola lombhoxo.
Futhi ngemuva kweNdebe yoMhlaba kungase kungabi lula ukubheka u-Razor. Ukuze iphumelele, i-New Zealand idinga isiko elisha lombhoxo. Ukuthi leli qembu le-NZR lizophendula kanjani kulokhu kusazobonakala.
Isithombe esingenhla: UScott Robertson
Umthombo wesithombe: Twitter