Zisemome izinguquko ePhalamende 

Lubhalwe nguZukile Majova

Ukushintshwa kwekhabhinethi okukhulunywa ngakho kakhulu sekufikile.

Okuyena obonakala ephumelele oyiqhawe le-ANC e-Gauteng uPaul Mashatile ongene esikhundleni sikaDavid Mabuza njengePhini likaMengameli.

Omunye wesilisa okuqinisekiswe ukuthi uzowugcina umsebenzi wakhe nguNgqongqoshe WezokuMbiwa phansi naMandla uGwede Mantashe.

Eminye yemiyalezo ephume ngemuva kwezinsuku ezine zemihlangano yezikhulu ze-ANC ithi abahlukane phansi noMantashe.”

NgoLwesithathu, uMengameli Cyril Ramaphosa uzovula i-lekgotla yakhe yokuqala yekhabhinethi selokhu kwaba nengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC.

Umyalelo wokuqala ukuxosha oNgqongqoshe abayizikhohlakali ababukela phansi igunya lakhe.

Umhlangano obalulekile wokuhlela ngaphambi kwenkulumo yesimo sezwe kanye nenkulumo yesabelomali ngeke ukwazi ukuqhubeka njengoba oNgqongqoshe abaphumayo besabambekile.

Noma ngubani ozoqokwa kwikhabhinethi naye kumele abe ingxenye yelekgotla kulekhabhinethi. Lokhu kuphoqa uRamaphosa ekugcineni ukuthi axoshe abanye abangawenzi umsebenzi.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule i-ANC ibilungisa uhlu lwayo lwezifundazwe ukuze ivulele labo abangakabi amalungu ePhalamende, kodwa okungenzeka ukuthi baqokelwe kwikhabhinethi ukuze babe amalungu ePhalamende.

Ngokomthetho oNgqongqoshe bekhabhinethi kumele baqale babe ngamalungu ePhalamende.

Kumanje amanye amalungu ePhalamende abiziwe ukuthi azohlahla indlela.

E-KZN uNgqongqoshe we-Cogta, uSihle Zikalala uqokwe waba ngowokuqala ohlwini lwesigungu esiphezulu se-ANC esinamalungu angu-80 kodwa akalona ilungu lePhalamende.

Kunjalo nowayeyiMeya yaseGoli uParks Tau, owayenguNdunankulu wase-Gauteng uDavid Makhura noMashatile bonke abase-Gauteng futhi babengewona amalungu ePhalamende.

Amagama abo aphakanyiswe kuRamaphosa isigungu esiphezulu se-ANC e-Gauteng.

Abaholi okusobala ukuthi  bazokhonjwa indlela nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNkosazana Dlamini-Zuma noNgqongqoshe wezokuVakasha uLindiwe Sisulu abakhankasela ukuketula uMengameli.

Omunye  ohleli ngesinqe esisodwa nguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko oyisithenjwa sikaMnu Jacob Zuma, uNathi Mthethwa. Amanye amalungu ekhabhinethi okulindeleke ukuthi aqothwe yilawo angavotelwanga kwisigungu esiphezulu (NEC) se-ANC okukhona kuwo uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uPravin Gordhan, uNgqongqoshe wezangaPhandle uNaledi Pandor nePhini likaMengameli uMabuza.

Kuphinde kube nesikhala emsebenzini wokuphatha nokusebenzela umphakathi esidalwe ukushiya kukaNgqongqoshe u-Ayanda Dlodlo ojoyine iBhange Lomhlaba.

Isikhala sokugcina ngesikaNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula osebenza ngokugcwele eLuthuli House njengoNobhala-jikelele.

URamaphosa uphinde abe nengcindezi yokuthi agcine ukulingana ngokobulili kwikhabhinethi yakhe nakuba isigungu esiphezulu sigcwele abesilisa.

Ngokwesibonelo akekho noyedwa owesifazane kwabangu-11 bokuqala ohlwini lwesigungu esiphezulu (NEC).

Izihloko zakamuva