Zisele dengwane izilwane e-Ukraine

Dylan Bettencourt

Ngesikhathi abantu abaningi bebaleka e-Ukraine njengoba i-Russia iqhubeka nokucekela phansi amadolobha kuleliyazwe, izilwane  ziyahlupheka njengoba abanikazi bazo bezishiye dengwane.

I-Ukraine ibiyikhaya lezinja ezingu-750 000 namakati angu-5.5 million, ngokwesilinganiso ezenziwa ngo-2014. Kodwa njengoba abantu bebalekela impi, imindeni iphoqeleke ukuthi yenze izinqumo ezinzima futhi izilwane zisale dengwane.

“Ngeke sahlulele ngoba asazi ukuthi abantu bazizwa kanjani uma kunobungozi bokuthi bengabulawa,” kusho u-Olga Chevganiuk we-UAnimals okuyinhlangano yezenhlalakahle yezilwane yase-Ukraine, etshela i-Vox.

I-UAnimals ihlezi e-Ukraine ngomzamo wokuhlenga izilwane ezidukile ezishiywe ngabanikazi bazo.

Kodwa-ke, ukusala ngemuva kube nezindleko njengoba indawo yokukhoselisa izilwane edolobheni lase-Kharkiv iye yaqhunyiswa ngamabhomu, kwashona amavolontiya amathathu abeletha ukudla kwezinja.

UChevaganiuk uthe iqembu lezenhlalakahle lizimisele ukuhlenga lezi zilwane ezikhungathekile futhi ziziyise ezindaweni eziphephile emazweni angomakhelwane.

“Akukhonakali ukufinyelela kuzo zonke izindawo, noma kunzima kakhulu ngenxa yobungozi, ngakho-ke kufanele uthole abantu abanesibindi ngempela abazovuma ukusondela kulezi zindawo ezisengozini,” engeza.

Iziqiwi sase-Ukraine ziye zahlangabezana nezinkinga ngenxa yokuhlasela kwe-Russia. Isiqiwi sase-Kharkiv i-Feldman Ecopark sicekelwe phansi, futhi imibiko iveza ukuthi lezi zilwane seziqalile ukufa ngenxa yendlala namakhaza.

Izilwane zasemapulazini nazo ziye zaba izisulu zempi. Umkhiqizi omkhulu wamaqanda e-Ukraine, i-Avangard, uthe amapulazi abo amaningi acekelwe phansi i-Russia.

Elinye lamapulazi okukhiqiza kudingeke ukuthi livalwe ngenxa yokuphelelwa amandla. Iningi lemfuyo yabo kufanele ihlatshwe.

I-MHP, okuyinkampani enkulu ekhiqiza inyama yenkukhu e-Ukraine, ilahlekelwe u-R116-million ngesikhathi kucekelwa phansi indawo egcina ukudla okubandayo e-Kyiv.

Umthetho wamazwe ngamazwe wokusiza abantu uthi ukuhlasela ingqalasizinda yabantu ngamabhomu ezindaweni ezihlaselwe impi, njengamapulazi, kungase kubhekwe njengobugebengu bempi.

Umthombo wesithombe: @Vox

Izihloko zakamuva