Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
- Amakamu amabili amaphoyisa aphoqeleke ukuthi asebenze ebumnyameni ngemuva kokuthi idolobha licishe ugesi ngenxa yezikweletu ezingakhokhiwe.
- Abesifazane abahlukunyezwayo kanye nabantu abazobika imindeni yabo elahlekile bayaxoshwa njengoba amakamu edonsa kanzima ngaphandle kukagesi.
Yize amaphoyisa ekuphikile ukuthi ukulethwa kwezidingo emakamu amabili amaphoyisa akukaze kuthinteke, kodwa izikhulu zenkantolo eseduze namaphoyisa zisho okuhlukile.
Kumnyama futhi kunobungozi njengoba amakamu amaphoyisa aseThembisa iRabasotho kanye neThembisa South asebenza ngaphandle kukagesi.
Lanakamu amabili amaphoyisa aseTembisav asebumnyameni ngemuva kokuthi idolobha linqamule ugesi ngenxa yokungakhokhi izikweletu.
Womabili amakamu amaphoyisa iRabasotho neThembisa South, kanye nenkantolo yendawo, acishelwe ugesi i-Ekurhuleni Metro. Manje, bathembele kwi jeneretha eyodwa engekho esimweni esihle.
Kusukela zingamashumi amabili kuLwezi, amaphoyisa awakwazi ukusebenza. Abanye abantu ababika ubugebengu, kuhlanganise nezisulu zokuhlukunyezwa, abasizwanga ngokwanele.
NgoMsombuluko odlule owesifazane obebalekela isoka lakhe elimhlukumezayo kuthiwa akasizwanga ngendlela ngenxa yokuthi leli kami belingenawo ugesi.
Ngakusasa, kwaba owesilisa owayezama ukubika isihlobo sakhe esidukile esuka eRabasotho waya eThembisa South wabe esetshelwa ukuthi akadlulele e-Ivory Park. Wenqaba ukuqhubekela phambili.
NgoLwesibili ebusuku, amaphoyisa abesebenza ebumnyameni eRabasotho ngemuva kokuphuka kwejeneretha yawo okuwukuphela kwayo. Ize yalungiswa ngehora lesishiyagalombili ekuseni ngoLwesithathu. IScrolla.Africa beyisekamui futhi yazibonela mathupha ochwepheshe beyilungisa ijeneretha, ekhanyisa amagumbi ambalwa kulo ikamu.
Izikhulu ezinjengomabhalane abasebenza ngamakhompyutha bezihleli ngaphandle zingenzi lutho. Abaseshi bebesebenzisa amafayela ephepha kuphela njengoba amakhompyutha abo engasebenzi.
Bonke abasolwa ababoshiwe manje bagcinwe kumakamu aseduze anogesi okubalwa kuwo iNorkem Park, iKempton Park, kanye ne-Ivory Park.
Izikhulu zenkantolo zithi imigudu engaphansi phakathi kwekamu laseRabasotho nenkantolo imnyama kakhulu futhi iyingozi.
“Awuboni nokuthi uhamba nobani, ungaklinywa noma ulimale nganoma iyiphi indlela,” kusho esinye isikhulu esicele ukuthi igama laso lingadalulwa.
Okhulumela uMasipala wase-Ekurhuleni uZweli Dlamini ukuqinisekisile ukuthi izikhulu zikamasipala ziwucishile ugesi kumakamu amaphoyisa amabili nasenkantolo kamantshi yendawo.
“Zonke izakhiwo ezicishelwe ugesi zikweleta umasipala u-R35-million wezikweletu zikagesi. Lolu wuhlelo oluqhubekayo lokulawulwa kwezikweletu kanye nokubuyiswa kwezimali kumasipala olubizwa ngeSiyakhokha Siyathuthuka,” kusho uDlamini.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGauteng, uBrigadier Brenda Muridili, uluvumile lolu daba: “Abaphathi bakwa-SAPS bayazi ukuthi kunamakamu amabili amaphoyisa iThembisa neThembisa South esifundeni sase-Ekurhuleni angenawo ugesi. Amakamu asezihlinzekwe ngejeneretha, siqinisekisa umphakathi ukuthi akuphazamiseki ukulethwa kwezidingo kubantu,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: Isiteshi samaphoyisa esimnyama eTembisa Rabasotho.
Umthombo Wesithombe : Everson Luhanga