Zisasele dengwane izisulu zezikhukhula e-Lamontville

Lungani Zungu

Sekuphele izinyanga eziyisithupha kwaba nezikhukhula KwaZulu-Natal kodwa kusakhona izakhamuzi ezisazulazula zingenazo izindawo zokuhlala. 

Ezinye izisulu ziphoqeleke ukuthi zilale koveranda ngaphandle kwehholo lomphakathi e-Lamontville eNingizimu yeTheku ngeledlule.

UNdunankulu uNomusa Dube-Ncube ubatshele ukuthi bazosuswa e-Westville njengoba lesi sikhungo sincane kakhulu ukuthi singakwazi ukuhlala izisulu.

Batshelwe ukuthi bazobekwa endaweni yakudala yabafundi e-Truro House, e-Reservoir Hills.

Lokho bekungakenzeki kanti abanikazi be-Truro House batshele uhulumeni wesifundazwe ukuthi kumele athenge leli bhilidi esikhundleni sokuliqashisa.

UNdunankulu uphinde waveza esitatimendeni ukuthi izisulu zezikhukhula bezigcinwe ehhotela elivikelekile. 

Izisulu zase-Lamontville ziyaphikisana naleyo ncazelo.

I-Scrolla.Africa sitshelwe ukuthi izisulu zabesilisa zilala ngaphandle kwehholo kanti abesifazane nezingane balele ngaphakathi.

“Lokhu kubuhlungu ngoba kungenzeka noma yini kuthina esilala ngaphandle,” kusho isisulu uSihle Sibisi.

Mayelana nenkulumo kaNdunankulu ethi  izisulu zezikhukhula bezihlaliswa ehhotela elivikelekile “Kungamanga lokho yini evikelekile uma silele ngaphandle? Uhulumeni we-ANC usiphathisa okwezilwane.”

“Lokhu kuwubufakazi bokuthi uhulumeni we-ANC akanandaba nathi njengezakhamuzi. Sesilale ngaphandle izinsuku eziningi futhi akekho obonakala enendaba,” kusho omunye wezisulu uSibonelo Ncube.

NgoNtulikazi uNgqongqoshe wezeziMali uMnu Enoch Godongwana wathembisa ukuthi kuzoqoqwa u-R1 billion wokusiza abahlukumezekile ngenxa yezinhlekelele.

Kodwa luncane uphawu lokuthi izisulu ziyayizwa inzuzo yale mali.

“Asinakho ukudla futhi asikaboni ngisho isenti lalowo R1 billion. I-ANC ingakwenza lokhu, kodwa sizoyijezisa ngokhetho oluzayo ngo-2024,” kusho uSmangele Mseleku.

Khonamanjalo uhulumeni wase-KZN umile maqondana ne-Truro House. UDube-Ncube uthe uhulumeni wesifundazwe akavinjiwe abanikazi bebhilidi.

“Lento esiyenzeka njengoba sekuthiwe asilithenge ibhilidi unomphela imangaze uhulumeni kanti futhi kufana nokuthi uhulumeni ukhonjwe ngezibhamu,” kusho uDube-Ncube esitatimendeni.

Uthe uhulumeni akazimisele ngokuvumela ukungathembeki kunoma imuphi umnikazi wendawo.

Izihloko zakamuva