Zisale enkundleni izigebengu ezine zilwa namaphoyisa

Everson Luhanga

Ngemuva kokudubulana namaphoyisa, izidumbu ezine zisale zidindilize emgwaqeni onguthelawayeka nasemotweni yohlobo lweMercedes-Benz emhlophe ebigcwele izinhlamvu nezibhamu.

Lesi bekuyisigameko esinyantisa igazi nesibi esenzeke ngoLwesithathu emgwaqeni ophuma ku-N2 u-Higginson Highway obheke eThekwini.

Lezi zidumbu ngezabasolwa abane abashone ngesikhathi bedubulana namaphoyisa.

UKaputeni wamaphoyisa KwaZulu-Natali, uNqobile Gwala uthe izikhulu zezokuphepha zibone imoto okusolakala ukuthi ibandakanyeka ezigamekweni eziningi zokubamba inkunzi eThekwini.

Samsung Galaxy 14G

Uthe abasolwa basuke ngesivinini ngesikhathi bebona onogada base bejahwa bebheke kuthelawayeka.

“Amaphoyisa ophiko lwe-K9 Unit, i-Airwing, nabanye ababambiqhaza baye bangenelela ukujaha abasolwa,” kusho uGwala.

Ngesikhathi beshayela ngesivinini bebalekela abomthetho, imoto yabasolwa ishayisane neloli yama, nokuyilapho okuqhume khona inhlamvu.

Ngesikhathi kuqhuma izibhamu abasolwa abane balimale kabi kwathathwa nezibhamu ezintathu kubasolwa. Umsolwa wesihlanu uphuthunyiswe esibhedlela lapho agadwe khona ngamaphoyisa.

Umgwaqo u-Higginson Highway uvalwe kuzo zombili izinhlangothi ngoLwesithathu ntambama, nokuholele ekutheni kube nesiminyaminya njengoba abashayeli bekumele behlehle noma bathathe umgwaqo u-N2 obheke enyakatho ukuze bagweme lesi siphithiphithi.

“Uphenyo lokuqala olwenziwe endaweni yesigameko luveze ukuthi le moto isetshenziswe ezigamekweni eziningi zokubamba inkunzi eThekwini nase-Richards Bay. Imoto etholakele yebiwa e-Pinetown ngoZibandlela nyakanye,” kusho uGwala.

Omunye wabasolwa ukwazile ukubaleka endaweni yesigameko kanti manje uthungathwa ngamaphoyisa.

Amaphoyisa ase-Chatsworth aphenya amacala avuliwe, elokuzama ukubulala, elokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nelokutholakala nemoto eyebiwe.

Scrolla World Cup Quiz