Zisale dengwane izakhamuzi zibhidlizelwa imijondolo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamuzi zasemijondolo eyakhiwe enkundleni yebhola e-Tembisa, e-Ekurhuleni seziphinde zaphoqwa ukuthi zithole enye indawo yokuhlala.

Imijondolo engaphezu kuka-50 eyakhiwe enkundleni yebhola yasendaweni ibhidlizwe ngamaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni ngoMsombuluko ekuseni, okushiye izakhamuzi zisele dengwane nezinto zabo ezibalulekile zicwile emvuleni.

Ngenyanga edlule izakhamuzi zasendaweni yase-Kopanong bezishaqekile ngesikhathi zibona imijondolo iphinde igxunyekwa emuva kokuthi isuswe uMasipala.

Izakhamuzi zifake isicelo eNkantolo ezinyangeni ezimbili ezedlule ukuze kuvinjwe umasipala ukuthi ungabhidlizi imijondolo yazo. 

Okhulumela uMasipala, uZweli Dlamini ukuqinisekisile ukuthi ngenyanga edlule bafaka isicelo esiphikisayo sokuthi bangaxoshwa.

“Sithole umyalelo oholele ekutheni bakhishwe.”

Isakhamuzi ebesithukuthele uMaria Mhlongo uthe” uMasipala awunandaba nabantu.”

“Bacekele phansi enye impahla yami bathatha ngisho nezinto zami zokwakha. Bangakwenza kanjani ukuthi basixoshe ngosuku lwemvula bathi asiyephi nezingane zethu?” ebuza.

“Sikhathele ukuxhashazwa uhulumeni.”

Umholi womphakathi uMnu Jackson Mlambo, uthe uMasipala  wathembisa ukuthi uzobakhela izindlu ngo-2015.

“Uma sibuza ngalolu daba babika izaba.”

“UMasipala usheshe waphendula ngokususwa kwabantu, kodwa wehlulekile ukubakhela izindlu.” Uthe bathathe isinqumo sokungena kule ndawo ukuze bafake ingcindezi kwaMasipala.

“Sizolwa size sithole okufanele thina.”

Okhulumela uMnyango kamasipala wase-Ekurhuleni  uMarie Mashishi uthe basuse imijondolo engaphezu kuka-120 kulandela umyalelo weNkantolo abawutholile.

“Kudingeke ukuthi sibasuse abebengaphakathi njengoba leya ndawo iyinkundla yebhola kanti indawo kaMasipala.”

“Izakhamuzi bezazi ukuthi le ndawo isetshenziswa njengenkundla yebhola ikakhulukazi manje ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi njengoba kujwayele ukuba nemiqhudelwano.”

Isithombe esingenhla esemijondolo eyakhiwe enkundleni yebhola idilizwa

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva