Ziphuthunyiswe esibhedlela izingane zesikole ezihogele igesi

Celani Sikhakhane

Babalelwa ku-40 abafundi besikole samabanga aphezulu namalungu omphakathi abaphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuhogela intuthu yegesi eMlangeni ngaphandle kwase-Richards Bay.

Kusolwa ukuthi intuthu iqhamuke kwigesi ebivuza endaweni yezimboni  yangena ezikoleni zabo e-Richards Bay.

NgoMsombuluko ngesikhathi izingane zisemakilasini azo ziye zahlaselwa isifo sohudo ezinye zaphalaza.

Izikole zamabanga aphezulu i-Richards Bay ne-John Rose zithintekile kanti abafundi bazo zombili lezi zikole baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene.

Abazali abebethukile baphuthume ezikoleni lapho abafike bathola khona ukuthi ezinye izingane zabo sezithathwe yisithuthi zeziguli ukuze zilashwe.

Ikhansela uHenning de Wet utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuvuza kwegesi kuqale ekuseni kanti nomndeni wakhe nawo uthintekile.

“Siqale saphathwa ikhanda elidalwe ukuhogela intuthu ephuma kwigesi evuzayo ebingena ezindlini nasezikoleni zethu, okuqale ngesonto eledlule kodwa kwashuba kakhulu ngoMsombuluko,” kusho uDe Wet.

Uthe abasebenzi abasebenza kwi-swimming pool yomphakathi kudingeke ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natali, uMnu Muzi Mahlambi, uthe ukufunda akuzange kuphazamiseke kodwa abanye abazali banqume ukuhambisa izingane zabo emakhaya.

Inhlangano i-Richards Bay Clean Air Association (RBCAA) iphenya umsuka wenkinga kodwa isola ukuvuza kwegesi embonini yakwa-Foskor.

“Sithumele ithimba labaphenyi elizohlonza ukuthi ukuvuza kwegesi kuvela kuphi ngempela,” kusho uMahlambi.

Izihloko zakamuva