Dylan Bettencourt
Izibalo zakamuva zobugebengu zikhombisa ukuthi zingu-1,563 izigameko zokuthunjwa ezibikwe e-Gauteng ngesikhathi usanda kuqala unyaka.
Lesi sibalo sicishe siphindeke kathathu esibalweni esibikwe nyakenye njengoba kuvele ukuthi angu-524 amacala okuthunjwa abikiwe.
Lezi zibalo zivezwe uKhomishana wamaphoyisa e-Gauteng uLieutenant General Elias Mawela ngoLwesibili.
“Izinto eziyimbangela kulokhu kudundwa kwezimoto ziyafana esikhathini esiningi. Uma kwenziwa lobu bugebengu izisulu zithathwa nezimoto ziyolahlwa kwezinye izindawo lapho zingazi khona,” kusho uKhomishana.
Ezehlakalweni ezingu-1,404 esihamba phambili ngenani lika-784 ukudunwa kwezimoto okuholela ekuthunjweni kwabantu, amacala okugetshengwa kwabantu angu-221 nawo aholela ekuthunjweni kanye nezigameko ezihlobene nokuziphindiselela ezingu-90 ezibikiwe.
Isiteshi samaphoyisa sase-Kempton Park siqophe isibalo esiphezulu samacala angu-56 okuwukunyuka ngo-700% emibikweni yawo eyisikhombisa nyakenye.
Isiteshi samaphoyisa sase-Heidelberg silandele eduze ngamacala angu-49 kodwa sinyuke ngo-4,800% njengoba sibike icala elilodwa nyakenye.
Isiteshi samaphoyisa sase-Hillbrow isona sodwa e-Gauteng esibike ukuthi asikho isibalo esinyukile njengoba sibe nesibalo esifanayo sezigameko ezingu-14 nyakenye.
UKhomishana uMawela uthe bangaphezu kuka-1 400 abantu ababulewe ezinyangeni ezintathu zokuqala zalo nyaka.
“Sibhale ukuthi izibalo zokubulala zinyuke ngo-45.2% okusho ukuthi bangu-1,403 abantu ababulewe ngalesi sikhathi.”
Amacala okudlwengula anyukile ngenkathi izigameko zokugqekezwa kwezindlu zehla.
“Amacala okunyukubezwa ngokocansi anyuke ngo-11.3% kanti esewonke angu-2,921 kanti amacala okudlwengula enze kwaba ngu-2,267 kulesi sibalo.
“Ubugebengu obuhlobene nempahla bunyuke ngo-0.2% kanti kulesi sigaba sobugebengu sikwazile ukwehlisa ukugqekezwa kwezindlu okungahlali muntu kuzo ngo-7.1%,” kwengeza uMawela.
Umthombo wesithombe: @PowerFM