Zinyakazise izinkundla zokuxhumana izithombe zikasomahlaya

Dylan Bettencourt

Kube negidigidi ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kuvela izithombe zikaTrevor Noah nesihlabani somculo we-pop uDua Lipa beqabulana ebusuku.

Kodwa okuphoxe uMzansi imibiko isiveze ukuthi laba bangabangani kuphela.

Lo somahlaya wakuleli  ubonakale enesidlo sakusihlwa e-New York nalo mculi odumile ngoLwesithathu ebusuku.

Ekupheleni kobusuku uTrevor uvele wamanga wamqabula  esihlathini njengoba kubonakala ezithombeni ezishicilelwe i-Daily Mail okuyizona ezidale amahlebezi amaningi okuthi kungenzeka kube laba bayathandana.

Umthombo osondelene nosaziwayo udalule ukuthi laba “bangabangani nje kuphela”, kubika i-People.

Amahlebezi okuthandana noNoah aqhamuke ezinsukwini ezimbalwa ememezele ukuthi uzohoxa endimeni yakhe ne-The Daily Show ngemuva kokusingatha lolu hlelo iminyaka eyisikhombisa.

Lo somahlaya oneminyaka engu-38 ubudala akaphumelanga obala ngokuthi uhlelo lwakhe lokugcina luzoba nini, kodwa uchaze ukuthi uthathe lesi sinqumo ngemuva kokubona ukuthi ukujabulele kangakanani ukwenza izinhlelo zamahlaya.

“Ngichithe iminyaka emibili efulethini lami hhayi emgwaqeni. Ngesikhathi ngiphindela emsebenzini wami ngabona ukuthi kunenye ingxenye yempilo yami engifuna ukuqhubeka ngiyihlola,” kusho uNoah etshela izethameli esitudiyo ngasekupheleni ngoLwesine.

Ngaphambilini uNoah wayethandana nomlingisi we-Euphoria, uMinka Kelly.

Laba bobabili baqinisekisa ubudlelwano babo ngesikhathi bevakashele elakuleli ngoZibandlela odlule ngaphambi kokuthi bahlukane ngoNhlaba.

Ngakolunye uhlangothi uDua Lipa kukholakala ukuthi ubenobudlelwano  no-Anwar Hadid ngaphambi kokuba bahlukane ngoZibandlela odlule.

Umthombo wesithombe: @Flipboard

Izihloko zakamuva