Zinikeleni emaphoyiseni noma nibhekane nobulungiswa ngezandla zomphakathi

Kabelo Tlhabanelo

Bethukutheliswa izigebengu ezingakabanjwa ezihlukumeza umphakathi, abantu base-Kutlwanong e-Free State baphume umkhankaso omkhulu wokuthungatha amadoda amathathu adlwengula intombazane eneminyaka eyi-18.

Abaholi bomphakathi bakhiphe isimemezelo sokuthi abenzi bobubi, abagcwele iziganga, bazinikele emaphoyiseni noma babhekane nabo mathupha.

Kusolwa ukuthi ngoLwesihlanu le ntombazane beyifunda nomngani wayo ngesikhathi amadoda amathathu engena ngesankahlu ekhaya kubo efuna imali.

Ngesikhathi umngani wakhe ezama ukuvikela le ntombazane wagwazwa ekhanda nasentanyeni waboshwa ngentambo.

Amadoda abe eseshintshana ngokudlwengula le ntombazane. Le ntombazane yabe isikhishwa endlini yadlwengulwa yizigelekeqe futhi.

Isisulu sokudlwengulwa sikwazile ukubuyela ekhaya ngemuva kwalesi sigameko.

Omabili omakhalekhukhwini ezisulu ebiwe.

Isakhamuzi uMadibuseng Mosela utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi ngemuva kokuzwa ngalesi sibhicongo esisabekayo umphakathi wethule owabo umkhankaso wokuzingela.

“Umphakathi uthukuthele kakhulu futhi lezo zigebengu kumele zizinikele emaphoyiseni ngaphambi kokuba sizithole,” esho.

UThabiso van Wyk uthe: “Abafanele ukuhlala lapha. Umphakathi uthukuthele uyaveva. Ngiyazi ukuthi iziboshwa ezisejele nazo ngeke zibamukele abadlwenguli.”

Esinye isakhamuzi, uNnono Moru, uthe umphakathi – ikakhulukazi abesifazane – bakhathele ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

“Amakhaya kufanele abe yizindawo eziphephile kithina kodwa manje abadlwenguli bahlasela abantu ezindlini zabo. Sekuyaphuma esandleni.”

Ubuye wathi umphakathi ubujwayele ukugada kodwa selokhu kwabanomvalelo izinto zashintsha.

“Manje sesiyasaba ngoba sihlaselwa ezindaweni esicabanga ukuthi siphephile kuzo. Intombazane ihlaselwe isekhaya layo. Asinayo imali yokubiyela amagceke ethu.”

Amaphoyisa nawo aseqalile ukuthungatha abasolwa futhi asenxuse umphakathi ukuthi ungazithatheli umthetho ngezandla.

Isisulu esigwazwe salashwa sakhishwa esibhedlela. Kuvulwe icala lokuphanga ezindlini, elokudlwengula nokuthumba la madoda amathathu agcwele iziganga.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thandi Mbambo uthe noma ngubani ongaba nemininingwane engaholela ekuboshweni kwalaba basolwa kumele athinte uDetective Kaputeni Jonathan Human kumakhalekhukhwini kwinombolo ethi-082 850 8640, i-Crime Stop ku-08600 10111, noma athumele imininingwane ku-MySaps app.

Izihloko zakamuva