Lubhalwe nguMenzi Magubane
Umndeni wesihlabani somculo we-Kwaito esingasekho emhlabeni uMandla “Mampintsha” Maphumulo uthe uhulumeni wendawo waKwaZulu-Natal awuzange uzikhokhele izindleko zomngcwabo.
Ezinkundleni zokuxhumana bekugcwele amahlebezi okuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal ukhokhele umngcwabo obungoLwesihlanu odlule ngemuva kokuthi uMampintsha eshonele esibhedlela saseThekwini ngobusuku bangaphambi kukaKhisimusi ngemuva kokushaywa isifo sohlangothi.
Ngemuva komngcwabo wakhe obuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre Complex ngoLwesihlanu, kuvele amahlebezi okuthi uhulumeni wendawo ukhiphe u-R50 million ukusiza umndeni wakwaMaphumulo ngezindleko zomngcwabo.
NgoLwesithathu, uhulumeni waKwaZulu-Natal ukhiphe isitatimende echitha lawo mahemuhemu wawabiza ngokuthi izindaba ezingelona iqiniso.
“Amanga okukhulunywa ngawo mayelana no-R50 million ayinto nje ecatshangwayo yalabo abangenasimilo kanye nozwelo,” kusho isitatimende.
“Sinxusa umphakathi ukuthi ungasebenzisi kabi amandla ezinkundla zokuxhumana ukusabalalisa imininingwane engamanga.”
Okhulumela umndeni uNksz Nomvuzo Maphumulo ongudadewabo kaMampintsha utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uhulumeni wesifundazwe uye waduduza ngokuthile kodwa akuzange kube u-R50 million.
“Le mali okukhulunywa ngayo ezinkundleni zokuxhumana iyizindaba ezingamanga nje. Ngiye ngabhalela ihhovisi likaNdunankulu incwadi impendulo yabo yathi bazoseseka,” kusho uMaphumulo.
UMaphumulo uthe uhulumeni ukubeke kwacaca ukuthi uzobeseka nganoma yini abazoyidinga.
Uhulumeni wasekhaya ube esekhipha isamba esiqondile esikhiphela umngcwabo.
Bakuqinisekisile ukuthi ihhovisi likaNdunankulu likhiphe u-R170 000 kwathi uMnyango wezeMidlalo, amaCiko namaSiko waxhasa ngo-R50 000.
Esithombeni esingenhla: Umngcwabo kaMampintsha
Umthombo wesithombe: IOL