Zingaki izilimi ongazikhuluma?

Njengamanje sibheke izingcweti ezikwazi ukhuluma izilimi eziningi eNingizimu Afrika, njengoEverson Luhanga wakwa-Scrolla, esibhale ngaye lapha.

Sitshele indaba yakho, ngamagama ayi-100 noma ngaphansi, ukuthi yiziphi izilimi ozaziyo nokuthi wazazi kanjani.

Umbhali ozowina uzothola i-smartphone esisha sha se-Nokia 2.2 ebiza imali eyizi-R2400.

Abaphume isibili nabo bazothola umklomelo omangazayo.

Sithumele indaba yakho ngoMsombuluko ngomhla wokuqala kuNdasa ukuze ube sethubeni lokuwina. Vele ulandele isixhumanisi esingezansi ukungenela

Amajaji ethu azothintana nabazongena kowamanqamu ukuze anqume ukuthi ngubani owinile. Ukukhetha kuzokwenziwa endabeni – hhayi ngenani lezilimi.

Into yokugcina, ungakhohlwa ukusilandela ekhasini lethu lakwa-Facebook ukuthola ukuthi ngubani owinile!

Ngenela umncintiswano wethu – bese uwina i-smartphone esisha sha.