Zimkhalele umfundisi obeqola abazalwane

Kabelo Tlhabanelo

Umfundisi uSeth Malefetsane Radebe uboshiwe ngemuva kokusolwa ukuthi uqole ibandla lakhe imali eyizigidi ezintathu zamarandi.

Lo mfundisi oneminyaka engama-47 ophethe ibandla le-Sanctuary Haven Church usolwa ngokukhohlisa ibandla ukuthi limunike isigidi samarandi, wabathembisa ukuthi izobuya isiphindeke kabili.

I-Scrolla.Africa ikhulume noyedwa owaqolwa ngumfundisi waminika imali eyizi-300,000 yamarandi.

Lo mama oneminyaka engama-53, ongafisanga kudalulwe igama lakhe, uthe ukhokhelwe izindodla zemali ngesikhathi esula emsebenzini.

“Ngafaka imali yami lapho ngizoyikhulisa khona endaweni eyayisemthethweni, kodwa wangitshela ukuthi labantu bayangixhaphaza”.

Lo mama uthe umfundisi uRadebe wamtshela ukuthi uzothola imali eningi uma ngabe engatshala imali kuleli bhizinisi lakhe elibuyisa imali isiphindaphindiwe.

“Ngafonela umthengisi wami ngase nganikeza umfundisi imali ngowezi-2016. Kwangithusa uma umfundisi ethi ngingatsheli noyedwa, kodwa ngamthemba” kusho umama oyilungu lebandla.

Umfundisi waqala waphila impilo ephezulu enobukhazikhazi, lokho okwenza abantu besifazane bakholwe ukuthi uhlakaniphile, umsulwa futhi uyindoda ephumelele. 

“Kwadlula izinyanga ngingabuboni ubufakazi bokuthi imali yami ikhula kangakanani, okuyilapho engaqala khona ukusola”.

Ngesikhathi esebona ukuthi lo mama uyamsola, umfundisi wabe esethula intshumayelo esontweni lase-Sanctuary Haven engangiyibona kahle ukuthi lentshumayelo uyibhekise kumina.

“Ngashaqeka uma ngibona ukuthi akumina ngedwa oqoliwe kukhona nomunye athatha kuye isigidi samarandi. Akayena umfundisi othunyelwe uNkulunkulu lo uthunyelwe usathane uqobo lwakhe” kusho ilungu lebandla.

Okhulumela oklebe base-Free State uKaputeni Christopher Singo uthe kusolwa ukuthi ngonyaka wezi-2013, umsolwa wagqugquzela amalungu ebandla ukuthi afake imali kwinkampani yakhe ukuze izobuya isiphindaphindiwe. “Ngeshwa amalungu ebandla awazange ayithole imali yawo abe esevulela umfundisi icala lokuqola.

Okhulumela isiphathimandla sokushushisa sikazwelonke(NPA) uPhaladi Shuping uthe umfundisi uRadebe uvele enkantolo yase-Kroonstad ngoLwesibili, ngesikhathi ebhekene nezinsolo zokukhwabanisa. Icala lihlehliselwe umhla ziyi-15 kuMfumfu ngemuva kokuba athole ibheyili eyizi-10,000 zamarandi.

I-Scrolla.Africa ayiphumelelanga kwimizamo yokuthola umfundisi ngenxa yokuba omakhalekhukhwini bakhe ababili bebevaliwe.

Izihloko zakamuva