Zimkhalele owesilisa otholakale namathambo omuntu 

Owesilisa wase-Peru ubanjwe namathambo (mummy) omuntu oneminyaka engu-600 ubudala esikhwameni sakhe. Uma ebuzwa uphendule wathi intombi yakhe ngokomoya.”

Kubukeka sengathi ubezenzisa uma ethi intombiyakhe njengoba amathambo (mummy) ehlonzwe ngokuthi awomuntu wesilisa.

“Akuyona i-Juanita, i-Juan,” uchwepheshe woMnyango wezamasiko wase-Peru utshele i-France 24.

Amaphoyisa azithele phezu kwesimanga abengasilindele ngesikhathi esesha umsolwa (26) ngemuva kokubanjwa ephuzile nabangani bakhe endaweni yabaphenyi basendulo.

Ngesikhathi amaphoyisa esesha izinto zakhe athole amathambo (mummy) engaphakathi esikhwameni sakhe se-cooler ebesigoqiwe. 

Amathambo (mummy) ahloliwe kwatholakala ukuthi ubude bamathambo u-150 cm kanti uhlonzwe njengomuntu oneminyaka engu-45 ubudala.

UBermejo uthe amathambo (mummy) wawanikezwa uyise futhi bese kuphele iminyaka engu-30 ekhona amathambo emndenini wakhe.

Yize kungakacaci ukuthi ubaba wasithola kanjani isidumbu, uBermejo uchaze ukuthi ugcina intombi yakhe eduze kukamabonakude ekamelweni lakhe.

“Ulala nami futhi ngiyamnakekela,” usho kwividiyo ngokubika kwe-AFP.

UBermejo uthe wahamba namathambo (mummy) ukuze ayobukisa ngawo kubangani bakhe futhi waphika ukuthi ubezama ukuwadayisa ngesikhathi somhlangano.

UBermejo nabangane bakhe ababili baboshwe ngenkathi amaphoyisa ephenya ubugebengu obubhekiswe kumagugu amasiko ase-Peru.

Ukucwiliswa kwezidumbu kwakuyinto evamile e-Peru ngaphambi kokuba i-Spain sibe amakoloni.

Amathambo (mummy) abejwayele ukungcwatshwa endaweni emathuneni angaphansi komhlaba.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: Amathambo omuntu (mummy) atholwe amaphoyisa

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva