Zimkhalele owesilisa onikeze abesifazane umjovo onezidakamizwa

Kamogelo Olaitan

Owesilisa waseNingizimu Afrika uboshiwe ngokunikeza umuntu umjovo onesidakamizwa.

U-Anthony Theodorou oneminyaka engu-33 uboshwe nabanye abasolwa ababili e-Ohio ngoLwesine olwedlule.

Laba bobathathu okuhlanganisa nonkosikazi wesisulu esibulewe u-Amanda Hovanec kanye nomama wakhe u-Anita Green kusolwa ukuthi bajove umyeni ka-Amanda  abakade bahlukana naye ngezidakamizwa.

UTheodorou usolwa ngokuhlinzeka abasolwa ngezidakamizwa nokubasiza ukuthi balahle isidumbu.

UTimothy Hovanec obeneminyaka engu-36 ubulawe ngemuva kwesonto nje ephumelele ekuwineniewine icala lokuthatha izingane zibe ngakuyelokuhlala nezingane ezineminyaka ephakathi kwemihlanu nesishiyagalombili ubudala.

Esitatimendeni uSherifu wase-Auglaize County uMichael Vorhees uthe uHovanec wase-Virginia ubevakashele izingane zakhe ngesikhathi kubikwa ukuthi ulahlekile ngomhlaka-24 kuMbasa.

Isidumbu sakhe sitholwe kamuva emaphandleni ase-Auglaize County.

Laba bobathathu kulindeleke ukuthi bavele enkantolo ngoLwesibili mhla ziyishumi kuNhlaba nebheyili ka-R31 million. 

Izihloko zakamuva