Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Ubecabanga ukuthi sekuphelile ngaye osizwe amaphoyisa ehamba ngemoto entshontshiwe emnike inkinga emgwaqeni onguthelawayeka e-Bronkhorstspruit.
Kodwa lo wesilisa obehamba ngemoto entshontshiwe akazange ayikholelwe inhlanhla abe nayo ngesikhathi amaphoyisa amabili ecela ukumsiza aphushe imoto yakhe ifike edolobheni!
Amaphoyisa akuMasipala wase-Tshwane (TMPD) abekade ejikeleza ngeSonto ebusuku ngesikhathi ebona lo wesilisa ebhajwe ku-R25.
Amaphoyisa aphuthume kuye ukuze athole ukuthi uphephile yini futhi ambuza nokuthi uyaludinga yini usizo.
Umshayeli ezama konke okusemandleni akhe ukuze amaphoyisa angaboni ukuthi khona okushaya amanzi uphendule wathi imoto icishile.
Njengomsebenzi wabo wokusiza abantu amaphoyisa akhethe ukumsiza ukuze adudule imoto ibuyele edolobheni.
Nokho kuthe bephusha bathole umyalezo emsakazweni wokuthi bayobheka imoto okubikwa ukuthi intshontshiwe ngoMgqibelo.
Incazelo yemoto ibifana ncamashi naleyo abebeyidudula edolobheni.
Okhulumela i-TMPD, uSuperintendent Isaac Mahamba uthe ngesikhathi amaphoyisa ethola ukuthi imoto owuhlobo lwe-Chevrolet Spark kubikwe ukuthi intshontshiwe izinto zivele zashintsha.
Umsolwa ube eseboshwa khona lapho.
“Umshayeli ube eseboshwa ngokushesha ngecala lokutholakala nemoto entshontshiwe.”
Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yase-Bronkhorstspruit maduze.
Ezinkundleni zokuxhumana bahalalisele amaphoyisa bahleka umsolwa ngemuva kwesigameko esifakwe ku-Facebook.
Isithombe esingenhla: Amaphoyisa e-TMPD asize umshayeli wemoto obebhajwe emgwaqeni, kodwa wabanjwa ngemuva kwesikhathi ukuthi uhamba ngemoto entshontshiwe
Umthombo wesithombe: TMPD