
Karabo Rammutla
Ngemuva kokuchitha amahora amaningi esemgwaqeni osolwa ngokugebenga abesifazane izikhwama zabo ngoLwesihlanu sekuvele ukuthi ubeganga ukuze akwazi ukuthenga ubhiya.
Uye endaweni yokucima ukoma ese-Extension 8 Cosmo City ngaphandle kwase-Randburg yona le ndawo lapho abesifazane ababanjwe kuyo inkunzi.
Lelo kube iphutha azohlezi ezisola ngalo.
Esinye sezisulu zakhe sihlangane naye endaweni yokucima ukoma.
Owesifazane wabikela abathengi lapho bekuphuzwa khona ngemuva kwalokho baqonda kuyena ngqo bamuphonsa ngemibuzo. Lo wesilisa ube esephika, kodwa owesifazane ukwazile ukusho zonke izinto ezisesikhwameni abesiphethe.
Zivele zamkhalela ngesikhathi izakhamuzi nabathengi endaweni yokucima ukoma bemfaka induku.
Usizwe ukutakulwa ngamaphoyisa kulesi sixuku ebesithukuthele simnika induku.
Kutholwe kuye izikhwama ezimbili noplastiki okusolwa ukuthi uwuthathe la abambe khona inkunzi.
Isakhamuzi uLovemore Naka uthe unkosikazi wakhe uke wagetshengwa endleleni eya emsebenzini ekuseni.
“Kumanje ngiyamphelezela ukuyogibela njalo ekuseni ngibuye ngizolungiselela ukuya emsebenzini futhi lokhu kuyangiphoqa ukuthi ngikwenze,” kusho uMnu uNaka.
Uthe izakhamuzi bekungamele ziyishaye lo wesilisa.
“Uzovele avulele izakhamuzi icala, obekumele bakwenze ukumbamba ngemuva kwalokho babize amaphoyisa ngoba bayazi ukuthi ukuzithathela umthetho akuyona impendulo.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uLieutenant Colonel Mavela Masondo ugqugquzele izakhamuzi ukuthi zingazithatheli umthetho ngezandla.
“Ezimeni lapho amalungu omphakathi esola ukuthi kukhona okungalungile kumele abize amaphoyisa,” kusho uMasondo.
Uthe umsolwa uphuthunyiswe esibhedlela samaphoyisa.
“Laba ababanjwe inkunzi kumele baye eziteshini zamaphoyisa eziseduze bavule amacala,” kuchaza uMasondo