Zilungiseleleni kodwa ningethuki, Ramaphosa

Njengoba ubhubhane seledlule ngabantu abayizigidi eziyisikhombisa ngokuthelelana emhlabeni wonke abanye abaholi basadaza inkani.

UDonald Trump wenza sengathi sekuphelile, uBolsonaro wase-Brazil noMagufuli wase-Tanzania bafihla isibalo sabantu asebendele kobabomkhulu.

Abanye bathula inkulumo kubantu ngokukhulu ukungananazi.

INingizimu Afrika izofinyelele kwisibalo sabantu abathelelekile abayizi-50 000 futhi izoqopha umlando wabantu abayizi-1 000 abazoshona ngenxa ye-Covid-19 kuleli viki.

“Njengoba sibuka isibalo sabantu abathelelekile silokhu sinyuka, mhlawumpe masinyane kakhulu ukudlula ngendlela iningi lethu elicabange ngayo, kuzomele sikhathazeke kodwa singethuki,” umengameli uRamaphosa usho njalo ngeSonto.

URamaphosa ukhulume eqondise emakhaya: “hlelani ukuthi kungenzeka kube nomunye umuntu emndenini ongahle atheleleke ukuthi nizokwazi yini ukumehlukanisa namanye amalunga omndeni aze abengcono. Uma kungenjalo, kumele nithole indawo kahulumeni eseduzane yomgonqo.

“Khumbulani into eyodwa elula kodwa ewumlayezo oyisisekelo: Ningethuki. Zilungiseleleni.”

Izihloko zakamuva