Zilungiseleleni amanani aphakeme kunawo wonke njengoba uphethiloli usubiza amashumi amabili amarandi

Dylan Bettencourt

Njengoba intengo kaphethiloli nodizili inyuke ngeshumi elilodwa lamarandi phakathi kwamabili ngoLwesibili, intengo kaphethiloli izokweqa irekhodi njengoba amanani entengo asondele emalini engama-R20 ilitha.

UMnyango wezokuMbiwa Phansi kanye naMandla (i-DMRE) ikuqinisekise ngoMsombuluko ebusuku ukuthi intengo kaphethiloli izonyuka ngo-R1.21 ilitha kanti udizili uzonyuka ngo-R1.48 mhla zintathu kuLwezi njengoba ilitha likaphethiloli selizobiza abantu baseNingizimu Afrika imali eyi-R19..50.

Izindleko zikaphethiloli bezilokhu zikhuphuka njalo unyaka wonke.

Ukwenyuka kwentengo kaphethiloli kudalwe kakhulu ukwenyuka kwentengo kawoyela ongahluziwe emazweni omhlaba kanye nokuntengantenga kwerandi.

“Isilinganiso senani kawoyela ongahluziwe we-Brent sinyuke sisuka ku-$75.50 saya ku-$83.40 ngomphongolo phakathi nesikhathi sokubuyekezwa komhla wokuqala kuMfumfu kuya kumhla zingama-27 kuMfumfu. Okudale lokhu  isidingo esiphezulu emhlabeni  wonke sokufunwa kukawoyela njengoba ubuthakathaka ovela kwabangeyona i-Opec nabanye abakhiqizi bakawoyela, “kusho isitatimende se-DMRE.

UNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi uGwede Mantashe uthe izinto zangaphandle ziyimbangela yokunyuka kwalokhu.

“Amanani kaphethiloli aseNingizimu Afrika  ashintshwa nyanga zonke, kuhambisana nezinto zamazwe ngamazwe kanye nezasekhaya. Izinto zamazwe ngamazwe zihlanganisa ukuthi iNingizimu Afrika ithenga kokubili uwoyela ongahluziwe kanye nemikhiqizo eqediwe ngentengo ebekwe ezingeni lamazwe omhlaba kwamanye amazwe, okuhlanganisa nezindleko zokuthenga kwamanye amazwe, isibonelo, izindleko zokuthutha,” kusho uNgqongqoshe esitatimendeni.

Ngenyanga edlule i-Automobile Association (i-AA) ixwayise ngokuthi uphethilroli uzonyuka ufinyelele kwinani elingama-R20 ungakapheli owezi-2021. Uma kubhekwa ukunyuka okwenzeka manje ngoLwezi, lesi sibalo sibonakala siyinto engahle yenzeke.

“Ukwenyuka kukadizili nopharafini okhanyayo kuzoba okukhulu kakhulu emlandweni waseNingizimu Afrika, sikhumbule ukuthi lokhu kuncike emininingwaneni yenyanga kuphela. Ukunyuka kwentengo kaphethiloli ngemali engama-R20 ilitha into enzima ngaphambi kokuphela kowezi-2021,” kusho i-AA.

Umthombo wesithombe: @SAPeople

Izihloko zakamuva