Ezemidlalo: IFormula 1 iyaqala kule mpelasonto kanti kuzobe kungokokuqala ngqa idlala ngoMgqibelo, ungavumi ukuphuthelwe ilesizini, kubhala uDylan Bettencourt.
Ukuqala kwanoma iyiphi isizini yezemidlalo kuhlale kuza nenjabulo njengoba abalandeli basuke benethemba lokuthi kungase kube imidlalo eshubile.
Kodwa angeke ubasole abalandeli beFormula 1 uma becabanga ukuthi angeke kube khona umehluko kule sizini nokuthi iRed Bull kanye nompetha womhlaba osenqobe amahlandla amathathu uMax Verstappen bazophinde basithathe isicoco.
Kodwa ithemba lihlezi likhona futhi e-Bahrain ngoMgqibelo, kuzoba kugcwele abalandeli abanethemba ukuthi kusengenzeka noma yini.
Ukuqala kwesizini ka-2024 kuzoba umlando njengoba kuzobe kungokokuqala ngqa umjaho omkhulu uqala ngoMgqibelo.
Ngenxa yokuthi i-Ramadan izoqala ngeSonto ngomhlaka-10 kuNdasa iFomula 1 inqume ukuthi yenze umjaho wase-Bahrain ube ngoMgqibelo kanjalo nomjaho we-Jeddah uzoba ngomhlaka-9 kuNdasa.
Ukubuka umjaho omkhulu ngoMgqibelo ngehora lesihlanu ntambama akuyona into embi kangako njengoba imijaho yokugijima eminyakeni embalwa edlule ibingoMgqibelo.
Umuzwa wokuthi kukhona okushodayo ungase ufike ngeSonto lapho kungekho midlalo yomjaho ongayibuka.
Amahlebezi athi iRed Bull izophinde inqobe futhi kodwa impi ingase ibe phakathi kwe-Ferrari, i-Mercedes ne-McLaren isizini yonke.
Umjaho wokuqala wesizini yeFormula 1 uzokhonjiswa bukhoma ku-DStv channel 215.
➤ I-Premier League isisondela ekuqedeni imidlalo kanti le impelasonto engcono yokubuka i-Manchester Derby?
I-Manchester City izobhekana nomakhelwane bayo i-Manchester United ngo-5.30 ntambama ngeSonto.
I-Liverpool iqhwakele phezulu ngephuzu elilodwa kuphela kanti i-City izobe inethemba lokuthi izoba nethuba lokufika phezulu ngesikhathi ingena enkundleni.
I-Liverpool izobhekana ne-Nottingham Forest ngoMgqibelo ngehora lesihlanu kanti ama-Reds azobheka ukuvikela indawo yawo.
Ama-derby amabili ase-London azobe edlalwa ngesikhathi esisodwa, i-Tottenham izobhekana ne-Crystal Palace i-Chelsea ibhekane ne-Brentford ngehora lesihlanu ngoMgqibelo.
Abalandeli be-Arsenal kuzomele balinde kuze kube uMsombuluko ukuze babone iqembu labo lidlala ne-Sheffield United ngo-10 ebusuku.
➤ Kuke kwashuba ngesikhathi kuhlangene amaBulls kanye namaStormers abanye babakhumbula njenge-Northern Transvaal kanye ne-Western Province – kodwa impi yale mpelasonto izobe ishube kakhulu.
Abantu babone sengathi kuzophumelela amaStormers futhi kungenzeka ukuthi baqinisile. UDamian Willemse, uManie Libbok kanye noDeon Fourie babuyile kanti noFrans Malherbe ubuyile ekulimaleni.
UJake White ukuvezile ukuthi ubhekise amahlo akhe ekunqobeni i-United Rugby Championship (URC). Njengoba ephezulu amaBulls mhlawumbe angazibona engenawo umndlandla wokunqoba kodwa mancane amathuba alokho futhi womabili amaqembu azofuna ukunqoba.
Umdlalo we-URC phakathi kwamaLions namaSharks e-Emirates Airline Park uzosithezwa umdlalo osePitoli, kodwa ungase ube umdlalo oshubile webhola lombhoxo. Ngabe amaSharks azogcina izithembisa abazenza kubalandeli?
AmaLions azobhekana nama-Sharks e-Emirates Airline Park, ngoMgqibelo ngehora lesithathu ama-Bulls azobhekana namaStormers eLoftus Versveld, ngoMgqibelo ngehora lesihlanu kanti imidlalo yomibili izodlala bukhoma ku-DStv channel 211
➤ Ama-Blitzboks azoya kumqhudelwano we-Los Angeles Sevens azobhekana ne-Ireland kanye ne-Argentina ngosuku lokuqala.
Le imidlalo abangayiwina noma bahlulwe. Uma sikhuluma iqiniso amaBlitzboks asephoxe kakhulu kodwa indlela abaziphathe ngayo ekhempini ingase ibe nomphumela omuhle kodwa sesike sakuzwa lokho ngaphambilini?
NgoMgqibelo:
AmaBlitzboks azobhekana ne-Ireland ngo-5.38am
AmaBlitzboks azobhekana ne-Argentina ngo-8.36pm
NgeSonto:
AmaBlitzboks azobhekana ne-Spain ngo-12.48am yonke imidlalo izodlala bukhoma ku-DStv 201
Isithombe esingenhla: Imoto yomjaho yeRed Bull eduze nase-Bahrain circuit
Umthombo wesithombe: X