Zikhungathekile izingane kubanjwa inkunzi othisha zibuka

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izingane ezineminyaka esukela kwemihlanu kuya kweyisishiyagalombili zisale zikhungathekile ngemuva kokuthi iqulu lamadoda amane abehlomile ligebenge abasebenzi nesikole omakhalekhukhwini, ama-laptop nezinye izinto zokusebenza.

I-Way of Life Junior University eKhayelitsha iyisikole esizimele, esihlinzeka ngemfundo kusukela kwinkulisa kuya ku-grade-3.

Ezithombeni ze-CCTV, abasolwa ababili babonakala bengena endaweni yokwamukela izivakashi neyesisebenzi ebesingazi ukuthi bayizigebengu.

Umsebenzi ube esengena ehhovisi lakhe, washiya abasolwa ababili bekhuluma nabasebenzi ababili abamukela izivakashi.

Izigebengu zifune ulwazi mayelana nokuthi isikole sihlinzeka ngani nokuthi malini ekhokhwayo ukuze ingane ifunde esikoleni.

Kwabe sekufika abanye abasolwa ababili, baphoqa ukuba esinye isisebenzi ebesingaphandle singene ngaphakathi.

Laba balisa abane babe sebephuca abasebenzi omakhalekhukhwini, bavala umnyango base beya emakilasini.

Umsebenzi ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe ubecabanga ukuthi uzoshona.

“Bengimatasa nabafundi ngesikhathi kungena abantu ekilasini nomunye wozakwethu futhi awukho nowodwa umzuzwana engike ngacabanga ukuthi ubephelezelwa yisigebengu,” kusho uthisha.

“Angikaze ngithandaze kangaka ngaphambilini empilweni yami. Bengicela uNkulunkulu ukuba asindise ukuphila kwami yize kubuhlungu ukulahlekelwa [impahla] … okungenani singazithenga, kunokulahlekelwa izimpilo zethu.”

Ezinye izingane ziqale ukukhala zibona izigebengu ziphethe izibhamu.

“Kuzothatha isikhathi ukuthi badlule kulokhu,” kusho uthisha. “Sihlukumezekile futhi nezingane zithukile. Izigebengu azinanhliziyo futhi ngezinye izikhathi ngiye ngizibuze ukuthi abanazo yini izingane emakhaya abo.”

Okhulumela amaphoyisa e-Western Cape uKaputeni FC Van Wyk uthe amaphoyisa ase-Harare aphenya icala lokugetshengwa kwendawo yokusebenza. Uthe bekho abantu abalimele ababikiwe futhi akukaboshwa muntu okwamanje.

Esithombeni esingenhla: Izingane kanye nabasebenzi base-The Way of Life Junior University elokishini laseKhayelitsha  eKapa basale bekhungathekile ngemuva kokuba izigebengu zibambe inkunzi abasebenzi esikoleni.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva